AmankomaneEzakamuvaIbhola

Kuzodela umakhasana Emtshezi zihlubana ngesibhakela

Alfred Ngubane

UHlula “Mholi Wami” Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions uqhathe ingqophamlando yezimpi zesibhakela ngakubo Emtshezi. 

Lezi zimpi zizoba sehholo lomphakathi khona edolobheni laseMtshezi.

UDladla ukhulume neMpempe ngenhlosongqangi ngalezi zimpi.

“Mholi wami ngibuke igebe phakathi kwamadolobha amakhulu nalawa amancane .ukuthi izimpi ziba seThekwini, eGoli, eKapa, nasePitoli. 

“Ngibe sengibona kungcono ngilandele ezinyathelweni zikababa uThulani Magudulela   owaqala umkhuba omuhle wokuletha izimpi emadolobheni asemakhaya.

“Nginikeza amabhokisa asafufusa esibhakeleni angakaze adlale esigabeni esikhokhelayo ithuba…” 

Hlula Dladla Boxing Promotion  ivundulula amakhono acashile emadolobheni asemakhaya afana neHowick, Mooi River, Colenso, Greytown, Estcourt, Mnambithi, Dundee ,  Newcastle, Nquthu nasePomory. 

“Iqiniso ukuthi amabhokisa amaningi aphuma khona kulamadolobha amancane abalekele emadolobheni amakhulu ngenhloso yokuthola amadlelo aluhlaza. 

FUNDA NALA: URoger De Sa uncoma uKomphela ngokuqoqa ‘ohluphiyose’

“Nabaqeqeshi bafudukela khona. Manje thina sinika amabhokisa ethu ithuba lokudlala ekhaya.” 

Lezi zimpi zizoba ngoMgqibelo ka-Agasti 26. UDladla unxenxe abantu baseMtshezi ukuthi baphume ngobuningi bezozibonela bukhoma ziqhuthana ngequpha. 

Uhlu lwezimpi lumi kanjena: 

  • Mxolisi Zuma (KZN) v Awonke Tini (EC)  
  • Mthobisi Nkosi (KZN) v Thabani Luthuli (KZN)  
  • Mcedisi Duze (K ZN) v Thabani Mkhwanazi (KZN)  
  • Tyrone Schaper (KZN) v Deon Groom (KZN) 
  • Lungisani Mnculwane (KZN) v Siyanda Gumede (KZN) 
  • Sizwe Buthelezi (KZN) v Khehla Dlamini (KZN)  
  • Sakhile Hlatshwayo (KZN) vEric Zwane (KZN) 
  • Nhlanipho Kunene (KZN) v Thembinkosi Mthembu (KZN)