Kusenamathizethize ngoGonzales kwiChiefs, uDolly ubuyile
Sbongs Gumbi
Yize esekhona eNaturena umgadli omusha weKaizer Chiefs uJasond Gonzales, kodwa kusazothatha isikhashana ukuthi abonakale enkundleni.
Lo mgadli odabuka eColombia ubhekwe ngabomvu njengoba abalandeli bebheke ukuthi abe yisixazululo senkinga yamagoli kuleli qembu.
Umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki uveze ukuthi kusazothatha isikhashana ukuthi abonakale enkundleni uJasond Gonzales.
“U(Jasond) Gonzales ufike izolo. Ngicabanga ukuthi ngenxa yokwehlukana kwezikhathi (zala esuka khona nakuleli) usazodinga izikhashana.
“Nabaphathi beqembu ehhovisi basematasa ngamaphepha akhe. Uma lokho sekuphothuliwe, uzobe esekulungele ukuqala ukujima nokudlala.
UNtseki uphinde waveza ukuthi isihlabani esaziwayo saleli qembu lakhe uKeagan Dolly useqalile ukujima.
UDolly ubengakabonakali kusukela kuqale isizini njengoba kwaphela edlule elimele nje.
“Sisenabadlali abambalwa abalimele okuzothatha isikhashana ukuthi belulame,” usho kanje uNtseki.
“Ngicabanga ukuthi nimbonile uRanga (Chivaviro) ukuthi waphuma umdlalo usanda kuqala sibhekene neTS Galaxy.
“Usezoqala uhlelo lokumelapha. Ngakho angase abuye emavikini amabili kuya kwamathathu ezayo.
“Omunye umdlali osanda kuqala ukujima neqembu ngokugcwele uKeagan Dolly, ubesehlale isikhathi eside.
“No(Edmilson) Dove naye useqalile ukujima kuleli viki. Futhinginethemba lokuthi uma sibuya ekhefini leFifa sizobe sesineqembu eliphelele.”
UDolly yena ubuye kahle impela iqembu limdinga njengoba izinto zingahambi nje kahle kusukela kuqale isizini.
Kufanele ukuthi amava akhe azokwazi ukusiza ekutheni iqembu lidlale kangcono kulanokhu okwenzekayo njengamanje.
Emidlalweni emine iChiefs isanqobe owodwa, yahlulwa kwemibili yabe seyidlala ngokulingana kowodwa.
FUNDA NALA: Ikhonjwe indlela enye ‘ihluphist’ kuMaZulu
Amakhosi azobhekana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.