EzakamuvaIbhola

I-VAR ngeke iqede ukubhacaza konompempe, kusho uGomes

Njabulo Shezi

UVictor Gomes uthi i-VAR ngeke isize ngendlela okucatshangwa ngayo ezinkingeni zonompempe ezikhona njengamanje ebholeni lakuleli. 

Cishe iviki neviki kunesinqumo sonompempe esingagculisi, esishiya kukhalwa ngapha nangapha. 

Kwesakamuva nje esisuse umsindo, unozinti weSekhukhune United uBadra Sangare wachilizwa umgadli weMoroka Swallows eselibambile ibhola. 

UGabadinho Mhango wamchilizela enethini lo nozinti, kodwa unompempe nomsizi wakhe balikhomba emlotheni, kwaba yigoli.

Lokhu kwenze ziqine izikhalo zokuthi sesifikile isikhathi sokuthi kusetshenziswe i-VAR, okuwuhlelo olusebenzisa ithelevishini ukusiza onompempe. 

Usihlalo wekomidi elibhekelele onozinti kwiSafa, uVictor Gomes uthi akaboni ukuthi i-VAR izoba yisixazululo esisheshayo sale nkinga.  

“Ngingakwazisa nje ukuthi njengekomidi sesilandele yonke imigomo,” usho kanje ekhuluma kwiMarawa Sports Worlwide. 

“Sesibhalelile kwiFifa futhi basazisa ukuthi sebesitholile isicelo sethu sokuqala uhlelo lweVAR. 

“Manje sebelinde ukuthi siqashe ozophatha lolu hlelo. Ngakho sesilinde abasemandleni ukuthi bathathe isinyathelo esilandelayo.”

Kubukeka kusazothatha isikhathi ke nokho ukuthi luqale ukusebenza kuleli lolu hlelo ngokusho kukaVictor Gomes. 

“Esikuhlosile wukuqala ukusebenzisa i-VAR emdlalweni wamanqamu weNedabank Cup (okuwumdlalo wokugcina wesizini),” kusho uGomes. 

Isizathu? “Sinonompempe ababili noma abathathu abaluqeqeshelwe lolu hlelo njengamanje. Lokho kunomthelela ekuqaleni kweVAR. 

“Ukuyisebenzisa ngokugcwele kwiPSL kungase kwenzeke kahle eminyakeni emithathu kuya le.

“Uma sizovele siyisebenzise ngokugcwele singayivivinyanga kahle sizoba nezinkinga.” 

FUNDA NALA: UWade Du Plessis ucebisa iKaizer Chiefs ngonozinti

“IVAR ngeke ke iziqede zonke izinkinga zethu, izozinciphisa. Sifuna kungabi yiyona ephambili ekuthatheni izinqumo, kodwa yelekelele la idingeka khona.”