IPirates izolahlekelwa esinye isithandwa sabalandeli
Kuvela ukuthi i-Orlando Pirates isezinhlelweni zokubolekisa noma idedele omunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli.
Kwenzeka lokhu nje abalandeli basakhala namanje ngokuthi leli qembu livumele uThembinkosi Lorch ashiye.
ULorch wethusa abaningi ngesikhathi efudukela kwiMamelodi Sundowns ngoJanuwari, washiya isililo kubalandeli beZimnyama.
Manje iPhakaaathi ibika ukuthi noVincent Pule angase alandele ezinyathelweni zikaLorch ngesizini ezayo.
UPule usehlale isikhathi eside kwiBucs futhi usenendawo ekhethekile ezinhliziyweni zabalandeli.
Nokho ukulimala obekumhlupha kule minyaka embalwa edlule kumphazamise kakhulu.
Manje usebuyile kodwa kubukeka umqeqeshi uJose Riveiro engenandaba naye kangako njengoba engamdlalisi.
“Bheka, abaphathi bePirates bayamthanda uPule, yingakho bemelulele inkontileka,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.
“Kodwa iqiniso wukuthi akasadlali kangako. Umqeqeshi kubukeka engathembele kuye futhi uhlushwa nawukulimala.”
FUNDA NALA: Kushayeke isikhulu seDowns iYanga ‘iphoxa’ ibhola lezwekazi
Lo mbiko uveze ukuthi uPule angase abolekiswe ukuze athole ukudlala njalo kwelinye iqembu, noma adedelwe ekupheleni kwesizini.

