Ntseki: Isimo sami siyefana nesikaGuardiola, Ferguson noPitso
Sbongs Gumbi
Isimo uMolefi Ntseki abhekene naso kwiKaizer Chiefs uthi siyefana naleso esake sabhekana nabaqeqeshi abaphambili emhlabeni.
UMolefi Ntseki uzithole sekufanele aphelezelwe amaphoyisa ukuphuma enkundleni yaseMbombela Stadium ngeviki elidlule.
Lokhu bekukandela ukuthi abalandeli bemjukujele nganoma yini abebeyithola, bekhala ngokuthi akavele ahambe kusemanje.
“Ngihlale ngibukela kulabo abangaphambi kwami,” kuchaza uMolefi Ntseki eNaturena ngoLwesine.
“U-Alex Ferguson ngesikhathi efika kwiMachester United, abalandeli babengeneme ngaye ngesizini yokuqala.
“Kodwa wagcina engumqeqeshi onempumelelo ukubadlula bonke kwiMan United.
“Uzobuka noPep Guardiola ngesikhathi efika kwiManchester City, unyaka wokuqala awubanga muhle.
“Kodwa ugcine esengumqeqeshi ophambili emhlabeni kanti neMan City yilona qembu eliphambili emhlabeni njengamanje.
“Ubuke nakhona la ekhaya okwenzeka kuPitso Mosimane ngesikhathi efika kwiMamelodi Sundowns…
“Ngicabanga ukuthi kwesinye isikhathi siba nexhala bese sizicindezela.
“Lokho kwenza izinto zingahambi ngendlela efanele,” kuchaza lo mqeqeshi.
Uthe lokhu okwenzeke eMbombela akumthikamezanga kwazise akaqali ukubhekana nakho.
“Akukhona okokuqala nginesimo esinjena ngoba ebholeni izinto ezinjena ziyenzeka vele.
“Kungaba seqenjini elincane noma elikhulu. Kodwa uma abalandeli kunento abangajabule ngayo, kumele ukwazi ukubhekana nayo.
“Kumele uqine phambi kwabadlali ukuze babone ukuthi lokhu bekuyinto encane nje futhi uma uyidlulisa ngokushesha, kuzolisiza iqembu.
“Uma ungacabanga ngokudikila, lokho ngabe kusho ukuthi uvele awukho endaweni efanele.
“Uma uza kwiChiefs uzoba ngumqeqeshi, usuke wazi ukuthi ingcindezi inkulu, futhi kulindelwe lukhulu kuwe.
“Abantu bafuna iqembu linqobe. Abantu abanasineke ngenxa yokuthi sekuneminyaka iqembu lingezi kahle.
“Lokhu okwenzekayo akudalwanga yithi, kodwa kuwumthelela wokwenzeke phambilini.
FUNDA NALA: UKeagan Ritchie ubhoboka ngobekumphethe kabi kwiMaritzburg
“Ngeke ke ubaleke ngoba uzokuzibuza ukuthi kungabi bengenza njena. Kuyingxenye yebhola. Kumele ngiqine.”