EzakamuvaIbhola

UKeagan Ritchie ubhoboka ngobekumphethe kabi kwiMaritzburg

Alfred Ngubane

Omunye wabadlali asebeqinile abebegijima kwiMaritzburg United ngesizini edlule, uKeagan Ritchie usebhoboze ithumbu ngokudliwa kwabo yizembe. 

IMaritzburg isizogijima kwiMotsepe Foundation Championship kule sizini futhi izovula ngomdlalo womkhaya neMilford FC ngoLwesihlanu. 

Lo mdlalo useHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoLwesihlanu kusihlwa. 

UKeagan Ritchie uhambe emagameni abanye abakhale ngokunikwa kukaFadlu Davids amandla amaningi eqenjini. 

“Ekubuyeni kwakhe uFadlu David ubengabafuni abadlali abadala eqenjini,” usho kanje uRtchie engxoxweni yakhe neMpempe. 

“Nabasendaweni nje ubengabafuni, walanda abadlali baseKapa ngoba ekholwa ukuthi balazi kangcono bona ibhola. 

“Kukhona abafana bendawo abebedlala kahle kwiDDC kodwa ubengababheki nhlobo,” kuchaza uKeagan Ritchie.

“Amandla abaphathi abawanika uFadlu Davids agcina ngokwenza umonakalo omkhulu, qede yena washiya kanjalo wazihambela. 

“Thina badlali abadala ubengasazi nokuthi siyini kuyena. Besimbikela usihlalo (uFarouk Kadodia) kodwa angayizwa indaba yethu. 

“Ubekholelwa kakhulu kuDavids engamboni noma esebheda,” kuchaza yena. 

Abasalanga ke nabaphathi beqembu kubantu abasolayo lo mdlali olinxele nowake wagijima kwiKaizer Chiefs. 

Unxenxe leli qembu ukuthi liyeke lo mkhuba wokuthanda abadlali bakude kube kunekhono ekhaya ngoba yiwo olimoshayo. 

“Ayibasebenzeli lento yokuthemba abadlali bokufika ngoba bethi basebenza kakhulu kunathi. 

“Elinye iphutha ngelenziwa ngabaphathi beMaritzburg United lokugcwalisa abadlali bokufika kakhulu… 

“Baqoqe nabanye abadlali abangazimiseli nhlobo nokuyikho okusibulele ekugcineni,” kusho uKeagan Ritchie. 

Nokho kubukeka izikhalo zabantu ngaleli qembu zizwakalile njengoba kuqashwe uZipho Dlangalala owaziwayo ngokunika abafana abancane ithuba. 

UKadodia wakuveza ukuthi ufuna kwande isibalo sabadlali baseMgungundlovu kuleli qembu. 

FUNDA NALA: ISundowns iyocela isihlobo esihle ngoKhanyisa Mayo 

Wabhala isitatimende eside esola uDavids nabanye babadlali ngokuthi bamhlinzele ezibini njengoba beyekelele iqembu ladliwa yizembe.