EzakamuvaiDStv Premiership

UMthethwa uveza isinongo esifike noKomphela kwiSwallows

USteve Komphela fike nomqondo wokulwela ukunqoba kuyo yonke imidlalo kwiMoroka Swallows, ngokusho komdlali wasesiswini, uTlakusani Mthethwa. 

Kule sizini iSwallows isayibambe kahle ngaphansi kwesandla sikaKomphela, kanti uMthethwa useveze isinongo esifike nalo mqeqeshi. 

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine ekuseni, ngesikhathi belungiselela umdlalo wabo neKaizer Chiefs obhekwe ngabomvu ngeSonto, uMthethwa uthi uKomphela akafuni nakuyizwa eyokuhlulwa. 

“Umdlalo nomdlalo esiwudlalayo unengcindezi ngoba umqeqeshi wethu ufuna ukunqoba njalo nje,” kusho uMthethwa. 

Ngaphambi kokuya kwiSwallows, uKomphela ubekwiMamelodi Sundowns ecoboshisa kwasani ephambi kwayo.  

“Uma sidlala ngokulingana, akajabuli neze ngoba ubuya eqenjini elinesiko lokunqoba futhi lokho naye sekumngenile lokho emithanjeni yakhe. 

“Wazi ukuthi kumele athole amaphuzu amathathu kuyo yonke imidlalo. Ngakho ngeke ngithi ukuyobhekana neChiefs kusilethela ingcindezi. 

“Saze kudala ukuthi sizodlala neChiefs futhi sizilungiselele kahle. Kodwa khona iba khona ingcindezi eyengeziwe. 

“Lokhu kungoba abalandeli bazobe begcwele eDobsonville Stadium, kodwa abanye bethu sebekujwayele lokho.

“Kuzodingeka sisize labo abangajwayele ukudlala enkundleni enabalandeli abaningi kakhulu.” 

UMthethwa uthe ekuqaleni kwesizini bese bevele benohlelo lokuthi iyiphi imidlalo abazokweneliseka ngokuthola iphuzu elilodwa kuyo. 

Uveze ukuthi njengoba bebhacazile emdlalweni wabo odlule, bebambana nePolokwane City, uma sebeya koweChiefs abadinge maphutha. 

“Sinohlelo esilulandelayo futhi siyazi lapho kumele saneliseke ngephuzu, nalapho kumele sithole amathathu – asikho isikhala sokwehlulwa kithi. 

“Kunemidlalo emibili umqeqeshi ayibalulile ukuthi kwakumele siyinqobe. Ukuthi asiyinqobanga nokuthi sibhacazile kowedlule uyazi kusho ukuthini. 

“Kulo mdlalo ozayo sidinga ukunqoba ngoba vele sizobe sisekhaya. Asikho isizathu esingenza sivume ukuthola iphuzu, angiyiphathi ke nje eyokuhlulwa.”