EzakamuvaiDStv Premiership

Kuthombe ukhiye, wavuma ukubhekwa yisambane uRiveiro 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uzwakalise ukungenami kwakhe ngokuqala kwabo umdlalo neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo.

AmaBhakabhaka agcine edlale ngokulingana kulo mdlalo weDStv Premiership.

URiveiro uphawule wathi, “Hhayi-ke, 0-0 futhi. Hhayi akuwona umphumela ebesilindele ukuwuthola lapha namuhla(ngoMgqibelo). 

“Akusona isiqalo esihle somdlalo; baqale kangcono kakhulu kunathi, bebexhumana kahle kakhulu. Besingadlali ngendlela ebesifuna ngayo.”

Kodwa-ke, uRiveiro ubone ukuthi iqembu lakhe lenze kangcono ngokuhamba kwesikhathi esiwombeni sokuqala. 

“Nokho siqale ukulawula umdlalo kangcono ezigabeni zakamuva zesiwombe sokuqala. 

“Ngesiwombe sesibili, bese siwuphethe ngokugcwele umdlalo, sasondela ekutholeni amagoli amaningi.”

Evuma ukuntula inhlanhla, uRiveiro uthe, “Asilona iqembu elinenhlanhla kunawo wonke emhlabeni. 

“Kodwa yilolo hlobo lomdlalo ngezinye izikhathi size sihlulwe ngenxa yephutha elilodwa. 

“Nokho akwenzekanga kanjalo namuhla. Namuhla sithole iphuzu elilodwa, akukhona ebesikufuna kodwa sizolithatha.”

Ukuhluleka kwePirates ukuthola amaphuzu aphelele kulo mdlalo kwengeze isisindo somthwalo wayo kwiligi. 

Phela iyona ebhekwe ukuba ihubhe iMamelodi Sundowns emjahweni wesicoco seligi. 

Kodwa njengoba inamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-11 kumanje futhi ihlezi endaweni yesishiyagalombili, kubukeka emancane amathuba okuxina iDowns.

Emdlalweni olandelayo, iPirates izobhekana neMoroka Swallows e-Orlando Stadium ngoLwesibili.