EzakamuvaIbhola

Ufuna iPirates iyibethele iDjabala ‘egolozayo’ e-Orlando 

Njabulo Shezi

IDjabal Club yaseComoros yagoloza kwaze kwacishe kwayilungela ibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wokuqala isekhaya.

IPirates yaze yalishaya ngemizuzu yokugcina igoli njengoba yagcina inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo weCaf Champions League. 

Kodwa manje njengoba iPirates izobe isekhaya e-Orlando Stadium, umqeqeshi uJose Riveiro ufuna bayikhombise ukuthi bangobani. 

“Ngokokuqala ngidlala emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe,” usho kanje lo mqeqeshi kwabezindaba ngoLwesine. 

“Ngisazama ukujwayela ukuhamba nemidlalo ethontelene eduze. Ngifuna okuningi ukuze ngisize abadlali bami benze kahle kulo mqhudelwano.”

Uthi njengoba bakwazi ukuthola igoli lokuhamba phambili ekuhambeni, sekumele baqedele umsebenzi ekhaya. 

IPirates izogadulisana neDjabal ngoLwesihlanu ngo-7.30 kusihlwa emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium.  

“Sikwazile ukuhamba phambili ngempelasonto edlule, manje sekumele siqedele umsebenzi e-Orlando.”

URiviero ujabule nangokuthola isikhathi esithe xaxa sokulungiselela lo mdlalo. 

Umdlalo wePirates weDStv Premiership obekumele iwudlale neMoroka Swallows phakathi beviki uhlehlisiwe ukuyengezela isikhathi. 

“Ngeviki elidlule besisendleleni, safiak naphambili sazama ukujwayela isimo la besizodlalela khona umlenze wokuqala. 

“Manje sesibe nesikhashana sokuzilungiselela kuleli viki. Kusahambe kahle konke. 

“Ngijabule ngokuthi sibuyele enkundleni esiyijwayele ukuzicijela lo mdlalo obalulekile. 

“Sesikubheke ngabomvu ukudlala kulo mqhudelwano ohlonipheke njengeCaf Champions League sisekhaya. 

“Nginethemba lokuthi sizokhipha unyawo, sidlale ibhola elihle,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSpain. 

Uma idlula iPirates kwiDjabal, izobe seyibhekana nozonqoba phakathi kweJwaneng Galaxy yaseBotswana, neVipers SC yase-Uganda. 

FUNDA NALA: Ngabe ukufika kukaMendieta kusho ukuphela ngoZwane? 

Kuhamba phambili iGalaxy, eqeqeshwa uMorena Ramoreboli kulo mdlalo njengoba kuyiwa emlenzeni wesibili e-Uganda.