EzakamuvaIbhola

UKhune uchazwa wukuvuthwa ‘kwentwana’ uRonwen Williams

Alfred Ngubane

Itumeleng Khune usencome uRowen Williams, ongunozinti weMamelodi Sundowns ngokukhula kwakhe ebholeni lakuleli. 

Ekhuluma neMpempe muva nje, uKhune, ongunozinti weKaizer Chiefs osehlale iminyaka engu-20, uthi ukuvimba kahle  kukaWilliams kungenxa yokuthi uayalalela. 

“Nami ngake ngakhuluma naye, ngamtshela ukuthi akolalela abaqeqeshi, aphinde asebenze ngokuzikhandla,” kusho uKhune. 

“Ngamtshela nokuthi akaqalanga kahle eqenjini lesizwe (iBafana Bafana) ngakho kuzomele akhuphule amasokisi. 

“Kumanje usevimba kahle kakhulu futhi ngimjabulele kakhulu, ngiyaziqhenya ngaye,” kuchaza uKhune owavimba isikhathi eside kwiBafana. 

URonwen Williams yena uqale ukuyibamba kwiSuperSport United la ahlale khona isikhathi eside. 

Imisebenzi yakhe kuMatsatsantsa yiyo eyaheha amaqembu amakhulu i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. 

Nokho waqoka ukuya kwiSundowns. Kwakunokwesabela ke ngesikhathi eya khona ekuqaleni kwesizini edlule ngoba bekunonozinti abaqinile abaficile. 

Ngaphambi kokufika kwakhe, bekunguDenis Onyango ohamba phambili. Bekukhona noKennedy Mweene noRiyaad Pieterse. 

Kodwa ukuzimisela kwakhe kumenze wakwazi ukuzikhipha lezi zinkunzi zonozinti njengoba sekunguye oqala yonke imidlalo nje manje. 

FUNDA NALA: URulani Mokwena uzibona ehlukunyezwa njengoJesu

Kwisizini yakhe yokuqala waqoka umlando njengoba asiza iSundowns yabutha zonke izicoco kuleli.