UPitso uveza uhlangothi olungaziwa ngoThemba Zwane
Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, okunguye owanika uThemba Zwane itthuba kuleli qembu, useveze obekungaziwa ngalo mdlali.
UThemba Zwane ungomunye wabadlali abasematheni ebholeni lakuli njengamanje kulandela ukudlala kwakhe ngendlela emangalisayo kwiBafana Bafana.
Ushaye amagoli amabili ngesikhathi iBafana ibambana ngo 3-3 ne-Algeria emdlalweni weFifa Series e-Algiers kuleli sonto.
Nangesikhathi seCaf Africa Cup of Nations (Afcon), uThemba Zwane wadlala kahle kakhulu, wenza nababengamuzwa kahle, bagcina sebemkhonza.
UPitso useveze olunye uhlangothi obelungaziwa ngalo mdlali ngesikhathi ephendula umlandeli obemncoma kwi-X.
“Akaqophisani nabaqeqeshi, kodwa uhlezi enombono (ngendlela yokudlala),” kubhala uPitso.
“Uyakwazi ukwenza abadlali bathule (ukuze balalele umqeqeshi), bagxile kokwenzekayo.
“Akazicabangeli yena yedwa, futhi unozwelo ngabo bonke abadlali eqenjini.
“Akazwani nomuntu ozama ukumbukela phansi. Uhlezi ezihlekela kodwa unamahloni.”
Uveze nokuthi uma ufuna ukumbona enza izimanga, mnike inhlonipho nenkululeko.
“Kumele umnike inhlonipho bese ulibungaza nethalente lakhe. Mtshele ukuthi akayokwenza into yakhe enkundleni bese uzihlalela ubukele.
“Uzokuthakasela azokwenza. Ungumholi,” kuchaza lo mqeqeshi osebenza kwi-Abha Fc eSaudi Arabia njengamanje.
Ngesikhathi esand akufika kwiSundowns uPitso, wamthatha wayombolekisa kwiMpumalanga Black Aces ukuze athole amava.
Wafika lapho wadlala elihle ibhola. Owayengumqeqeshi weBafana oshone ngonyaka odlule uClive Barker wayeqeqesha i-Aces ngaleso sikhathi.
Wahlongoza ukuthi uZwane uzogcina engumdlali ozofika ezingeni likaDoctor Khumalo ebholeni lakuleli.
Namanje ke kusenombango ngokuthi ngabe uZwane ungaphezulu yini kukaDoctor Khumalo ngokwebhola.
FUNDA NALA: Inkakha yeChiefs ichazwa umjiko kaPatrick Maswanganyi
Abanye bayakuvuma lokhu, abanye bathi akekho oyofika ezingeni lika-16 V, okuyisidlaliso sikaDoctor Khumalo.

