EzakamuvaIbhola

UGaston Sirino usefana nomfazi ohlalele abantwana emendweni 

Sbongs Gumbi

Kuliqiniso ukuthi uGaston Sirino akaseneme kwiMamelodi Sundowns futhi uselinde kube khona iqembu elimqhwebayo bese esheshela ngakulo. 

Lokhu kuqinisekiswe umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ngoLwesihlanu ngesikhathi ecacisa ngalo mdlali oneminyaka engu-32. 

Uthe lo mdlali, osehlale iminyaka engaphezu kwemihlanu kuleli qembu, usebazisile ukuthi akasathandi eChloorkop. 

Uvele ke nesikimu usenokusizwa ngendaba kule minyaka embalwa edlule ikakhulukazi kulandela ukuthatha kukaMokwena njengomqeqeshi. 

Okuvekayo wukuthi inhliziyo yakhe seyikwenye indawo futhi manje, njengomfazi ohlalela izingane emendweni angaphethwe kahle kuwo, usehlalele inkontileka. 

UGaston Sirino usayine inkontileka yokwengeza yeminyaka emine eminyakeni emithathu edlule. 

Isizoze iphele ngoJuni ka-2025 kanti iqembu elimfunayo kumele lingene ephaketheni ukuze limthole. 

UMokwena, ekhuluma nabePower FM ngoLwesihlanu ebusuku, uthe ngeke bamvimbele uma esefuna ukuhamba. 

“Yilokho asitshela khona (ukuthi ufuna ukuhamba). Wathi asilindele iqembu elizozomthenga,” usho kanje uMokwena.

“Wathi kukhona iqembu elizozovela lizocela silidayisele yena. Lokho wakusho emavikini amathathu edlule. 

“Kodwa namanje sisalindile ngoba uyena othe asilinde kukhona okuzovela,” kuchaza lo mqeqeshi. 

“KwiMamelodi Sundowns asifuni ukugcina abadlali abangasafuni ukuba lana. 

“Siyayiqonda inhlanhla yokunikwa ithuba lokusebenza lapha, nami ngiyazibala lapho. 

“Wonke umuntu okwiMamelodi Sundowns ulapha ngoba ezinikele ekutheni azinikele ngokuphelele.” 

ISundowns nokho yake yanqaba ukumdedela uGaston Sirino ngesikhathi efunwa uPitso Mosimane esakwi-Al Ahly e-Egypt. 

Namanje kungenzeka ukuthi nguye uMosimane ofuna ukulanda lo mdlali njengoba esekwi-Al Wahda e-United States of Emirates. 

Kodwa ke mhalwumbe kulokhu izomdedela ngoba nakhu noLesedi Kapinga obecele ukukhululwa unikeziwe abekufuna. 

FUNDA NALA: Ukhale ngangongwane kubadlali bakhe uBartlett kuqhuma induku

Lo mdlali kumanje usekwi-Orlando Pirates, emsayine imthola mahhala njengoba inkontileka yakhe yanqanyulwa kwiSundowns.