Mokwena: Ukunganqobi kwiChampions League akusenzi izehluleki
IMamelodi Sundowns ibhekwe ukuthi inqobe iCaf Champions League kule sizini, kodwa umqeqeshi uRulani Mokwena uthi impumelelo yabo ayincikile kulokho.
Uthi noma ngabe bahlulekile ukunqoba lo mqhudelwano ongomkhulukazi wamaqembu ezwenikazi, lokho ngeke kuchaze ukuthi bayizehluleki.
Ukhuluma kanjena nje iSundowns kufana nokuthi seyizibekisele indawo esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
Ishaye iCR Belouzdad yase-Algeria ngo 4-1 ekuhambeni ngempelasonto edlule.
Lokhu kuyibeka ethubeni elihle kakhulu njengoba seyidinga ukudlala ngokulingana ekhaya ukuze idlulele phambili.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba seLoftus Stadium, ePitoli ngoMgqibelo ngo 4 ntambama.
“Ngabe ukungayinqobi iChampions League kuzosenza izehluleki? Mhlawumbe kunjalo kwabanye abantu,” kusho uRulani Mokwena kuleli viki.
“Kodwa mina ngibheka ukuthi leli qembu lidlale kanjani… Ukudlala ngezinga elilodwa njalo nohlobo lwebhola abalidlalayo.”
Nokho uRulani Mokwena uyakuqonda ukuthi into ebaluleke kakhulu ebholeni yimiphumela.
Futhi ke nje abalandeli cishe ngeke bakumele ukuyishweba nakulokhu le ndebe ngoba bengaphenduka ihlaya yize benqobe iligi kuleli.
“Kodwa ke vele into ebalulekile ebholeni imiphumela. Sidlala ezingeni la sifuna ukuba bukhali ngayo yonke indlela.
“Ukuba bukhali ke kwabanye kusho imiphumela emihle. Kodwa kwamanye amaqembu, ngenxa yomlando, kumele nebhola libe lihle.”
Uthi ukukuhlanganisa lokho akuyona into elula kodwa bayakwenza ngoba vele baqashelwe khona.
“Ngabe kulula ukukwenza lokho?,” kusho uRulani Mokwena ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngalo mdlalo wabo ozayo.
“Cha, kodwa yingakho silapha. Yingakho uNeo (Maema) ethi uma usayina kwiSundowns, usuke usayinela izinto ezinjena.
FUNDA NALA: USiphelele Ntshangase ‘ubengabingeleli’ kwiBlack Leopards
“Okwenzekayo wukuthi imiphumela isezandleni zoMdali, thina nje siziqhenya ngemizamo yethu.
“Ukuzikhandla nokuzinikela nenjabulo esizama ukuyilethela abantu bethu yikho okubalulekile.
“Uma kuyilokho kuphela okusifanele thina, kwanele kithi,” kuchaza uRulani Mokwena.