Ukhale ngangongwane kubadlali bakhe uBartlett kuqhuma induku
Sbongs Gumbi
UShaun Bartlett kuzomele alindele ukuthi izembe selingakhala noma kunini kuye njengoba iCape Town Spurs igidagida ndawonye nje.
Kuthe uma kuqala imidlalo yeDStv Premiership, amanye amaqembu edazuluka eya phambili, iSpurs yona yabe ihuqa ubuthongo.
Leli qembu likaShaun Barlett liyabola yinduku njengoba lisahlulwe kuyo yomine imidlalo elisayidlalile kulesi sigaba.
ISpurs iphinde yadlala indavundavu yebhola elingabonakali ukuthi libhekeni ishaywa yiChippa United ngo 1-0 ngoLwesihlanu kusihlwa.
Ngemuva kwale nduku yakamuva, uShaun Bartlett ukhale ngokuthi abadlali bakhe benza izimanga ejimini, bafike enkundleni bangenwe amangongwane.
“Ngizwela abadlali ubuhlungu. Ngizwela nabalandeli ngoba umdlalo wesibili lona ekhaya la bekungafanele sihlulwe kuwo,” kusho uBartlett.
Yize umdlalo ubuyindavundavu, kodwa yiSpurs ebebukeka ingcono uma iphethe ibhola.
“Sihlezi sifuna ukudlala kanjena… Yingakho senze izinguquko kubadlali,” usho kanje uShaun Bartlett ngalokhu.
“Abanye balaba badlali abadlale namuhla bakhombisile ukuthi bayafuna ukudlala nasemdlaweni oolandelayo (neMoroka Swallows).
“Abanye abakukhombisanga lokho. Kodwa ke njengabaqeqeshi kuzomele sithathe izinqumo.
“Lento ebesiyenza (ukuhlasela) yinto esiyizama nsukuzonke ejimini. Njengomuntu owayengumgadli ngiyazama.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi uma sisondela epalini siyalikhahlelela. Silikhahlelele amahlandla ayisikhombisa kodwa mhlawumbe kube kanye la ibhola liqonde epalini.”
ISpurs yiyo ebihlasela kangconywana kwaze kwaba yenza iphutha emuva, uRonaldo Maarman washaya igoli iChippa enqobe ngalo.
“Kuleli zinga, amaphutha amancane kanjena enza umehluko. Sivumele uMaarman aphenduke ebhokisini.
“Awukwazi ukwenza amaphutha anjalo kuleli zinga ngoba bazokulimaza ngawo. Sifunda kanzima.
FUNDA NALA: ‘Ubevikelwa’ okhishwe ngesiwombe sokuqala koweChampionship
“Kodwa ekugcineni ngibona kukhona okuhle esingakuthatha kulo mdlalo sidlulele nakho emdlalweni wethu neSwallows.”