UMaswanganyi uchaze uJose Riveiro waze ‘waphahluka’
Njabulo Shezi
UJose Riveiro wenze into angajwayele ukuyenza, nahlale eyibalekela – ukuncoma umdlali ngamunye kwi-Orlando Pirates.
Kodwa indlela adlala ngayo uPatrick Maswanganyi kusukela efikile kuleli qembu yenze lo mqeqeshi wagcina ephahluka.
UMaswanganyi ufike wangena khaxa esitayeleni sePirates futhi indlela adlala kahle ngayo seyenze abalandeli balibala nokuthi kukhona ezinye izihlabani zabo ezisalimele.
Lo mdlali osayine kwiBucs esuka kwiSuperSport United, ushaye igoli lakhe lokuqala bebhekene neDjabal Club emdlalweni weCaf Champions League ngoLwesihlanu.
IPirates ilibhudluze ngo 3-0 leli qembu laseComoros, kwaba ngu 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela. UZakhele Lepasa ushaye amabili.
Ebuzwa ngalo mdlali ngemuva komdlalo, uJose Riveiro akazange enze njengokuvamisile.
“Kumele ngiqhakambise into ethile ngabadlali abasha, abafikayo eqenjini,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Ukudlalela iPirates akuyona into elula. Ngakho ukuba sezingeni eliphezulu kusukela ngosuku lokuqala nomdlalo wokuqala yinto okumele ngiyiqhakambise.
“Ngijabule ngendlela akhula ngayo. Kubalulekile ke nokukuqhakambisa nokuthi udlala nabadlali abahle abenza kube lula kuwo wonke umdlali.”
Lo mqeqeshi odabuka eSpain uthe yena uyaye azame ukugxila eqenjini nje lilonke, hhayi kumdlali ngamunye.
“Siyazama ngayo yonke indlela ukugxila kumacebo okudlala kweqembu lilonke,” usho kanje uJose Riveiro.
“Yingoba siyakuqonda ukuthi indlela yokudlala yiyo ezosiza umdlali ngamunye avelele emsebenzini wakhe.
“Iyona eyenza akwazi ukudlala ngezinga eliphezulu kungakhathalekile ukuthi sibhekene naliphi iqembu.
FUNDA NALA: UGaston Sirino usefana nomfazi ohlalele abantwana emendweni
“Siyazama ukwenza izinto ngendlela eyodwa, kodwa kwehluke ngokuthi akufani esikufuna kumdlali ngamunye. Kodwa ngijabule.”