URulani Mokwena uzibona ehlukunyezwa njengoJesu
Njabulo Shezi
Ugcine ekuvezile uRulani Mokwena ukuthi ziyamudla izinkulumo zokuthi usaphila ngamandla kaPitso Mosimane kwiMamelodi Sundowns.
Selokhu athatha lo msebenzi lo mqeqeshi osemncane kukhona abamqhathanisa noMosimane owayecija leli qembu phambilini.
UMosimane wayifica ilengela ezembeni iSundowns, kodwa wayishiya seyiyiqembu elidla kwasani ephambi kwalo futhi eliwola nezicoco.
“Niyazi angithi ukuthi kuthiwani?,” usho kanje uRulani Mokwena ekhuluma nabezindaba kuleli viki.
Ubebuzwe ngegoli lokuqala likaJunior Mendieta eliqhamuke ngomnyakazo omuhle weqembu ngesikhathi beshaya iRichards Bay ngo 1-0 ngeviki elidlule.
“Kunabathi noma ngubani engayiqeqesha iSundowns futhi aphumelele, ngakho wonke umqeqeshi ubengenza iqembu lishaye leliya goli
“Ngakho angifuni ukukhuluma ngalo. Kuthiwa yizinga labadlali – vele ke sinabo sinabo abadlali abasezingeni.
“Kodw aleliya yigoli elihle kakhulu futhi maningi esesiwashayile kule sizini, nangesizini edlule sinawo amagoli amangalisayo esiwashayile.”
“Kodwa ke vele yonke into engiyishoyo iyajikwa, kwesinye isikhathi ngamabomu ngoba abantu befuna ukudweba isithombe esingesona ngami.
“Kodwa ngiyakwemukela lokho ngoba uMdali kuphela ingangijaja. Ngizama nsukuzonke ukwenza okuhle njengoJesu Khrestu.
“Ngiyacela ke ningane senithi ngiziqhathanise noJesu, ngiyazi nizobe senisho njalo. Engiqonde ukukusho wukuthi ngilinganisa ngeBhayibheli.
“Engikushoyo wukuthi uma isimangaliso somuntu (uJesu) wayegxekwa futhi wabulawa ngoba ekhuluma iqiniso, mina ngiwubani ke?
“Ngeke ngikuphendule lokho ngoba uMdali uyayazi inhliziyo yami futhi kwesinye isikhathi kuba buhlungu ngoba nami ngiwumuntu.
FUNDA NALA: Uvuma ukusinda kwensimbi kwi-English Premiership uFoster
“Kodwa ngizobekezela ngibheke phambili,” kuchaza uRulani Mokwena. ISundowns izobhekana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.