EzakamuvaIbhola

Usuthu luhlehlelwa abaxhasi abakhala ngokunganakwa

Kuvela ukuthi bungase bugqabuke ubudlelwano baMaZulu FC nomunye wabaxhasi bayo abadala kodwa abangenelisekile ngokuthile. 

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene naleli qembu, iSpar sisezinhlelweni zokunqamula ubudlelwano noSuthu. 

Le nkampani yezitolo ezidayisa ukudla kwasendlini esinezitolo kulo lonke leli kuthiwa ayenelisekile ngokusebenzisana kwamanje naleli qembu laseThekwini. 

“Kunezinkulumo ezinjalo ezikhulunyelwa phansi ehhovisini njengamanje,” kusho lo mthombo. 

“Inkinga wukuthi iSpar ikhala ngokuthi ayisanakiwe kuleli qmebu futhi akukho iqembu elikwenzayo ukugcina imibandela esayidini lalo. 

“Phela uma kusayinwa izinkontileka kuba nezivumelwano zokuthi kuzosizwana kanjani.

“Manje ngathi ngale abeneme ngokuthi abaMaZulu abazihambelanga izitolo ezithile obekumele bazihambele.

“Esinye ngathi sisePhoenix (eThekwini) ezinye ziseGoli kanti lokhu akwehlanga kahle kwabaseSpar,” kulanda lo mthombo. 

Kuvela ukuthi inkinga iqale ngokushintshwa kwabaphathi isigubhukane kulandwa abanye abangazi ngezinto ezithile eqenjini. 

Usuthu ludedele abanye babaphathi abebesenesikhathi bekhona eqenjini ngesizini edlule njengoba umengameli weqembu uSandile Zungu ‘ebehlanza indlu’.