EzakamuvaIbhola

Uvuma ukusinda kwensimbi kwi-English Premiership uFoster

Sihle Ngubo

ULyle Foster odlalela iBurnley yase-England uveze ukuthi bekunzima ukudlala ne-Aston Villa emdlalweni weligi ngeSonto.

UFoster, odabuka eNingizimu Afrika nowayedlalela i-Orlando Pirates, ushaye igoli ngesikhathi ezakhe ziguqiswa ngo 3-1 yi-Aston Villa. 

Uthe umdlalo ububasinda kodwa bazamile ukubhekana nawo. 

“Emizuzwini engu-15 yokuqala bekunzima ukungena emdlalweni ikakhulukazi ngoba siyiqembu elisha. 

“Sizamile sathola igoli kodwa izinto zibhedile sebeshaya igoli lesithathu,” kusho uFoster.

Bekungokokuqala ngemuva kweminyaka eyishumi ukuthi umdlali odabuka eNingizimu Afrika ashaye igoli kwi-English Premier League. 

Kwagcina ngo-2013 ngoSteve Pienaar esadlalela i-Everton.

ULyle Foster ungumdlali ongasali eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Usemusha ke nakwidlale Burnley njengoba efike isizini edlule seyizophela futhi nendlela enyukela esigabeni esiphezulu isicatshiwe.

IBurnley inomdlalo onzima olandelayo njengoba izobhekana neTottenham Hotspur eTurf Moor, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.

Njengoba eselishayile nje elokuqala igoli uFoster, sekubhekwe ukuthi aqhubeke lapho nasemidlalweni ezayo. 

Njengokujwayelekile, nezibalo zabalandeli bakuleli asebengabalandeli beBurnely senyuke ngendlela eyisimanga ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana. 

FUNDA NALA: Ubhodla ngokubandlululwa ngabase-Italy uNomvete

Kuzokhumbuleka ukuthi neBrighton and Holve Albion yazithola seyinenqwaba yabalandeli kuleli ngesikhathi uPercy Tau esadlala kuyo.