ULepasa uzovusa idabhi yaseSoweto, kusho uJerry Sikhosana
Alfred Ngubane
UJerry Sikhosana ubona umgadli we-Orlando Pirates ovutha engabaselwe, uZakhele Lepasa ezongena emlandweni emdlalweni womkhaya baseSoweto.
Uthi uZakhele Lepasa nguye ozobuyisa ubumnandi bedabhi yaseSoweto ngokukuhlohla amagoli amaningi kulo mdlalo.
“Ngibona ukuthi uzoba yingozi enkulu kubadlali beKaizer Chiefs,” kusho le nkakha eyayibukisa kulo mdlalo isadlala kwiPirates.
“Indlela azimisela ngayo yenza ngibone ukuthi kukude lapho eya khona. Ngiqale ukumbona ehlohla amagoli emdlalweni yeCaf Champions League…
“Ngimbone lapho ukuthi usevuthiwe manje. Ngicabanga ukuthi phambilini ubesathuka isisinga nokhakhayi belungakaqini ngokwanele.
“Nabaqeqeshi kade bengamniki isikhathi sakhe ngokwanele,” kuchaza uSikhosana.
Uthi indlela iPirates edlala ngayo ihambelana kahle noZakhele Lepasa futhi yiyo emenza azitamuzele nje emagolini.
UZakhele Lepasa useshaye amagoli ayisishiyagalombili emiqhudelwaneni ehlukene kule sizini.
“Kumele kubongwe nabadlali abanjengoMonnapule Saleng, uPatrick Maswangayi no(Ndabayithethwa) Ndlondlo abakwaziyo ukumdlalisa.
“Selokhu ebuyile kwi-Orlando Pirates njengoba ebebolekiswe kwiSuperSport United, uxhumana kahle nabo.
“Uzolandela kubadlali ababedla iKaizer Chiefs kuthule umoya abafana noNicolas “Bazooka” Seshweni, Marks Maponyana, Mark Batchelor, Lesley Manyathela, Jerry Sikhosana noThembinkosi Lorch.
“Abadlali be-Orlando Pirates ngibona behlangene manje. Njengoba kukhona abadlala kwiBafana Bafana nje, lokho kuyabasiza kakhulu.”
USikhosana uncome nomqeqeshi weZimnyama uJose Riveiro ngokunika bonke abadlali ithuba ngokufanayo.
Umncoma nangokusheshe aqonde ibhola elithandwa ngabadlali bakuleli, bese ebavumela ukuthi balidlale kodwa ngendlela ehlelekile.
IPirates yinhle kakhulu kule sizini futhi uma ingaqhubeka ngaleli giya eqale ngalo, iyobanjwa kude, ngokusho kukaSikhosana.
Umdlalo wokuqala womkhaya baseSoweto uyoze ube ngoNovemba 11. Kodwa ke kungenzeka ziqondane kowamanqamu kwiMTN8.
FUNDA NALA: Usihlalo weSpurs uphawula ngekusasa likaShaun Bartlett
Lokhu ke kodw akungenzeka uma iPirates ikwazile ukudlula kwiStellenbosch, iChiefs nayo yadlula kwiMamelodi Sundowns.