‘UNkulunkulu ungumlandeli weChiefs,’ kusho uRulani Mokwena
Sbongs Gumbi
URulani Mokwena ukholwa wukuthi uMdali ungumlandeli weKaizer Chiefs ngoba yona ayiyisweli inhlanhla, iwina noma kungafanele kwesinye isikhathi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethi uzama ukupholisa inxeba alivula ngenkulumo yakhe elumelayo ayisho emavikini ambalwa edlule.
Ngaleso sikhathi, ngesikhathi iSundowns iguqise iChiefs emdlalweni weligi, uRulani Mokwena wathi ngokomlando leli qembu laseNaturena linenhlanhla.
“Ngiyazi senicuphise ngezihloko… Nilinde ngisho into enizobe seniyihlanekezela,” usho kanje lo mqeqeshi ngolwesine ntambama.
Ubekhuluma ngesikhathi benomhlangano nabezindaba ngamalungiselelo abo emidlalo yeMTN8 ngempelasonto.
“Nganede ngathi iKaizer Chiefs inenhlanhla nje, nagijima nayobhala ngakho.
“Yazi mina ngiyafisa kube khona umuntu ongathi nginenhlanhla ngoba lokho kusho ukuthi unogcobo lukaNkulunkulu.
“Kuhambisana nobungcwele nokubusiseka, okusho ukuthi isandla soMdali siseduze nawe.
“Cabanga ke umuntu esekusho kuwe ukuthi uMdali wakhetha wena kubo bonke abanye abantu.”
Ube esejika kodwa echaza ukuthi ngesikhathi ekhula e-Orlando West wayeyibuka iChiefs idlala ne-Orlando Pirates abone ukuthi iwina ngenhlanhla.
“Uma iPirates idlala neChiefs, noma iSwallows idlala neChiefs, emidlalweni eminingi wawubona ukuthi uMdali uyangenelela ukusiza iChiefs.
“Kuliqiniso lokhu engikushoyo. UNkulunkulu kufanele ukuthi ungumlandeli weKaizer Chiefs.
“Akukho ke ukunconywa okungadlula lokhu ongakuthola – niyahleka nina kodwa mina ngiqinisile.
“Mina uma kungaqhamuka umuntu athi, ‘hhayi uMdali uyakuthanda’ futhi angagcini ngokusho kodwa aveze nobufakazi balokho ngingajabula.”
FUNDA NALA: ULepasa uzovusa idabhi yaseSoweto, kusho uJerry Sikhosana
IChiefs izobhekana neSundowns emdlawleni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo eFNB Stadium.