EzakamuvaIbhola

ISundowns isimbuyisele ekhaya uSaveedra

Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns u-Erwin Saavedra usezobolekiswa kwiClub Bolivar izinyanga eziyisithupha.

Lo mdlali waseBolivia wafika kwiSundowns esuka kwiBolivar ngoFebhuwari ka-2022.

Kubikwa ukuthi iSundowns yakhokha isizumbulu sika-R15 million ngalo mdlali. 

Nokho emdlalweni wakhe wokuqala kwiSundowns, bebhekene ne-Al Hilal kwiCaf Champions League walimala kanzinyana.

Ukusuka lapho uye wathwala kanzima ekutheni alulame ngokugcwele kanti kuthe noma eseluleme, uthole kunzima ukuthola ijezi. 

Ngokubika kwe-iDiski Times, iSundowns izimisele ngokummgcina uSaavedra, futhi ikholwa wukuthi uzobuya ngamandla ngemuva kwalokhu kubolekiswa. 

USaveedra ubevele esekhaya eBolivia la ebelashelwa khona futhi basafuna alulamele khona ngokugcwele, abuye esekulungele ukudlala. 

Kuvela ukuthi ukulimala kwakhe kwamphazamisa nangokomqondo kwazise ubesand akufika kuleli, engakajwayeli.

Ukumbuyisela ekhaya kubonakale kuyinto ezomenza alulame kangcono eseduze nabantu abajwayele.