OweSafa ucacisa eyezicucu ezingaphelele zikaHelman Mkhalele
Njabulo Shezi
Umqondisi wezokuqeqesha kwiSafa, uWalter Steenbok usecacise ngendaba yokungabi nezicucu ezifanele kwephini lomqeqeshi weBafana Bafana uHelman Mkhalele.
Ihlazo lokungabi nezicucu zokuqeqesha ezifanele kukaMkhalele livele ngesikhathi iBafana idlala kwiCosafa Cup.
Ngenxa yemithetho yalo mqhudelwano, uHelman Mkhalele kwathiwa ngeke ahlale ebhentshini yedwa ngoba akaphelele.
Kwabe sekuqashwa umqeqeshi weJwaneng Galaxy yaseBotswana, uMorena Ramoreboli okwesikhashana.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa iClive Barker Academy muva nje, uSteenbok uthe le nhlangano isezinhlelweni zokusiza abaqeqeshi bathole izicucu ezifanele.
Kuzoba nezifundo zeCaf A Licence ngoNovemba kuleli kanti uMkhalele ngeke avunyelwe kuzo uma engenazo ezeCaf B Licence.
“Indaba yephini lomqeqeshi weBafana Bafana (Mkhalele) isobala. Sizovula izifundo ngoNovemba futhi uma eneCaf B Licence uzongena naye kulezi zifundo.
“Uma engenayo iCaf B Licence, ngeke akwazi ukwenza lezi zifundo,” kuchaza uSteenbok.
“Ngokwemigomo yeCaf, zisobala izicoco ezifunekayo, kumele ube neCaf B Licence ukuze wenze izifundo zeCaf A Licence.
“Sesizamele abanye babaqeqeshi bethu ukuthi bawelele kwamakhelwane (eBotswana) bayokwenza izifundo zeCaf B Licence.
“David Nyathi ngomunye walabo baqeqeshi. Usanda kuqeda izifundo zeCaf C Licence.
“Ngakho ke uma iphini lomqeqeshi kwiBafana (Mkhalele) enazo izicucu ezifunekayo, uzokwamukelwa ukwenza izifundo zeCaf A Licence.”
Ukugcizelele ukuthi abaqeqeshi abasebenza ezigabeni ezikhokhelayo zePSL kumele babe nezicucu ezifanele.
Uthe naye uMkhalele kumele abe nazo ngoba uma engazitholi, nangonyaka ozayo ngeke abe sebhentshini uma sekudlalwa iCosafa Cup.
USteenbok uveze nokuthi bazobamemezela maduze nje abaqeqeshi bamaqembu abafana abasakhuliswa i-Under 17 ne-Under 20.
FUNDA NALA: Uselitholile elinye iqembu owagiya exoshwa kwiKaizer Chiefs
Impempe isingakuveza ukuthi uDavid Nyathi ungomunye wababhekiwe kulezi zinkhundla kanti noReneilwe Letsholonyane angase anikwe esisodwa.