ISundowns ifuna ukuqeda umsebenzi emlenzeni wokuqala
Sbongs Gumbi
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena akafuni ukuthi bakucabange kwakukucabanga ukuthi umdlalo wabo weMTN8 neKaizer Chiefs uzoba nemilenze emibili – ufuna ukusheshe aqede umsebenzi.
Ngokwakhe, iqembu lakhe lizowuthatha ngokuthi awukho umlenze wesibili ukuze basheshe baqede umsebenzi, babuyele ekhaya sebephelelwe yicala.
ISundowns izoqala ekuhambeni kule midlalo njengoba izobhekana neChiefs eFNB Stadium, eGoli ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Ngokubona kwami, kumele siwuthathe ngokuthi uwodwa lo mdlalo,” usho kanje uMokwena kuleli viki.
“Lokho kuzokwenza ukuthi siqinisekise ukuthi sithola umphumela ozokwenza siye emdlalweni wesibili sigcwele ukuzethemba.
“Vele ke lokho yiyona ndlela yethu kule sizini, silungiselela ukunqoba yonke imidlalo ephambi kwethu – sifuna ukuyinqoba yonke.
“Sesisesigabeni esibalulekile salo mqhudelwano manje ngakho sifuna ukwenza kangcono kunangesizini edlule.”
ISundowns yachithwa yi-Orlando Pirates esigabeni esifanayo ngesizini edlule, eyayishaya kungazelele muntu yabe seyihamba yayosithatha lesi sicoco.
Nokho uMokwena uthi bafundile kulokhu okwenzeke kubo ngesizini edlule kulo mqhudelwano nakwiCaf Champions League.
“Isipiliyoni sethu emidlalweni enemilenze emibili sisitshela ukuthi okwenzeka emlenzeni wesibili kuncika kakhulu kokwenzeke kowokuqala.
FUNDA NALA: OweSafa ucacisa eyezicucu ezingaphelele zikaHelman Mkhalele
“Kusuke kungakhathalekile ukuthi uqale ekhaya noma ekuhambeni, kodwa okwenzeka emlenzeni wokuqala kunomthelela omkhulu,” kuchaza lo mqeqeshi.