Uselitholile elinye iqembu owagiya exoshwa kwiKaizer Chiefs
Njabulo Shezi
Umgadli obegijima kwiKaizer Chiefs, uCaleb Bimenyimana usekukhombisile ukuthi kungani ajabula ngesikhathi ekhululwa kwiKaizer Chiefs.
Lolu nkonko lomgadli lwenza okungavamisile ngesikhathi luphawula kulandela ukuxoshwa kwalo kuleli qembu laseNaturena.
Ngesikhathi kulindeleke ukuthi uzoveza ukukhathazeka ngokuphelelwa yitoho eqenjini elikhulu kangaka, uBimenyimana waswela ihhawu avele agiye.
“Kube yisinqumo esinzima ukusithatha, kodwa ngemuva kwakho konke okwenzekile, besifanele,” wabhala kanje kwi-Instagram yakhe.
“Engingakusho nje wukuthi ngiyabonga kuMdali. Imithandazo yami seyigcine iphendulekile.
“Ngijabule kakhulu ngokukhululwa kwami. UNkulunkulu akakaze angudumaze mina,” wachaza kanje uBimenyimana.
Osekuvela manje wukuthi wayesevele enalo iqembu elimthembise umsebenzi njengoba esesayinile kulo.
Usezodlala kwi-Al Ahli Benghazi okungelinye lamaqembu amakhulu aseLibya futhi elihlezi lidlala emiqhudelwaneni yeCaf.
Kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emibili kanti uzohola imali ebalelwa ku-R6-million kulesi sikhathi azosihlala kulo.
FUNDA NALA: ‘IChiefs kumele ilande uHanamub,’ kusho uRobert Nauseb
Ngesikhathi engakashiyi kwiKaizer Chiefs, kwakunemibiko yokuthi ufunwa amaqembu amaningi ehlukene okukhona kuwo neWydad Athletic yaseMorocco.