EzakamuvaIBetway Premiership

Usuthu luxoshe uVeli Mothwa nenqwaba yabanye abadlali

SIHLE NGUBO

AmaZulu FC asegcine ehlulekile ukubekezelela unozinti uVeli Mothwa amkhombe indlela nenqwaba yabanye abadlali.

UMothwa ubesevele engayidlali imidlalo eminingi ngesizini edlule ngenxa yokwenza amaphutha amaningi ezintini.

Bese kuvimba uRichard Ofori ofike kuSuthu evela kwi-Orlando Pirates.

Lo nozinti ugcine engasabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana, ngoba nakhona ubefike adedele amagoli alula kakhulu.

Usuthu luqinisekise ukuthi ngeke lusazivuselela izinkontileka zikaMothwa, u-Andile Mbanjwa, u-Abbubaker Mobara.

USandile Khumalo, uMbongeni Gumede, uKwanda Mngonyama, uRamahlwe Mphahlele, uThembela Sikhakhane, uWayde Jooste.

USkhulile Manyoni, uRowan Human, u-Ethan Brooks, u-Augustine Mulenga, uMsindisi Kunene, uJunior Dion noBoniface Haba.

UPedro Dias, oyiDirector of Football kuMaZulu, ubonge laba badlali abahambayo ngabakwenzele iqembu.

“Ngithanda ukubonga bonke laba ngabakwenzele iqembu nomphakathi,” kusho uDias.

“Sizishaya isifuba ngezikhathi ezinhle esizijabulele nabo.

“Egameni lawo wonke umuntu kuMaZulu sibafisela konke okuhle lapho beya khona.”

Iqembu liphinde lamemezela ukuthi u-Etiosa Ighodaro noSifiso Ngobeni bazobuyela kwiMamelodi Sundowns okuyiqembu abebebolekwe kulona.

“Sidlulisa ukubonga kakhulu ku-Etiosa noSifiso ngesikhathi abasichithe nathi, futhi sibafisela impumelelo ukuya phambili,” kusonga uDias.

Laba badlali mancane amathuba okuthi bathole indawo kwiSundowns okuyimanje iyibambe kwiClub World Cup ese-USA.

Abafana Ba’Style bazobhekana neBorussia Dortmund emdlalweni wesibili kuGroup F, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.