EzakamuvaIbhola

Wakuqala emncane ukusakaza ibhola uSbo Shangase woKhozi FM

Alfred Ngubane

USbo Shangase, owethula imidlalo yebhola kuKhozi FM ubonga indlela emukelwa ngayo ngabalandeli bezemidlalo nabalaleli balo msakazo. 

Lo msakazi ungowokuzalwa eMakhabeleni esigodini saseBhekizwe ngaphansi kukamasipala uMvoti. 

Uthi ufike ngonyaka ka-2015 ezoba ngumhlazi wezemidlalo kuKhozi FM. Ngonyaka ka-2017 wathola ithuba lokusakaza imidlalo yeDStv Premiership. 

“Kumele ngiqale ngibonge ozakwethu abafana noTshatha Ngobe, Joe Hudla, Victor Molefe nabaculi abafana noNtencane noBig Zulu abangikhombise indlela.” 

USbo Shangase usekhule ngendlela yokuthi useyisethenjwa futhi nguye onikwa imidlalo emikhulu efana neyomkhaya baseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. 

Uthi ubona indlela yokusakaza ikhula kakhulu njengoba nobucwepheshe buya ngokuba ngcono. 

“Ngaqala ngokulingisa abasakazi uma kudlalwa ibhola emakhaya ngoba yinto engangiyithanda kakhulu,” kusho yena.

“Kwakuthi noma ngabe ngisekuluseni, ngangizithola sengisakaza ibhola ngiqhuba izinkomo. 

“Uma sibuka ibhola nabafowethu sasivala iTV sivulele uKhozi FM silalele uJoe Hudla,” kuchaza le nsizwa. 

USbo Shangase wake walidlala ke nebhola esigabeni esikhokhelayo yize kwaba yisikhashana. 

Wathathwa nguClive Barker ngesikhathi engumqeqeshi weManning Rangers. Wadlala kancane ngenxa yesimo esithile washesha wayeka. 

Uyale igenge esakhula ukuthi bazihloniphe abantu abadala nabaphathi emsebenzini, bahloniphe nomsebenzi. 

Lo msakazi onekhono elimangalisayo lokukuthatha kubeke enkundleni ngamehlo engqondo. 

Uyakwazi ke nokufunda isimo somdlalo, bese eqagula okuzokwenzeka futhi esikhathini esiningi ushaya khona. 

FUNDA NALA: UBarker uneqhinga lokuvalela uLepasa wePirates ebhodleleni

USbo Shangase uthe namanje usayihambela imidlalo yasemabhuqwini ngoba ibhola akuwona nje umsebenzi kuye kodwa yinto ayithandayo.