U-Aphelele Fassi uzoqala uma sebebhekene ne-All Blacks
SIHLE NGUBO
U-Aphelele Fassi uzoqala kunombolo 15 uma amaBhokobhoko esebhekene neNew Zealand emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship, e-Emirates Airline Park, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
Lo mdlali weSharks udlale kahle kakhulu emdlalweni odlule iNingizimu Afrika ibhekene ne-Australia, kanti uyena oshaye itry yokuqala yomdlalo. Akumangazi ukuthi umqeqeshi, uRassie Erasmus, umnike ithuba lokuqala umdlalo.
USacha Feinberg-Mngomezulu naye uyigcinile indawo yakhe kunombolo 10, kanti ukaputeni uSiya Kolisi uzoqala kunombolo 6. Ezimpondweni kukhona uChelsin Kolbe noKurt-Lee Arendse. UDamien de Allende ungene endaweni kaLukhanyo Am, ongekho ngisho ebhentshini, kunombolo 12.
AmaBhokobhoko aya kulo mdlalo ehambela phezulu kulandela ukunqoba imidlalo emibili yokuqala lapho abebhekene khona ne-Australia ekuhambeni. Azobe edlala okokuqala ne-All Blacks selokhu ayephula izinhliziyo ngokuyishaya kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoNovemba nyakenye.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko ngoMgqibelo kuzosho ukuvula igebe phakathi kwayo ne-All Blacks evule imidlalo yeRugby Championship ngokushaywa yi-Argentina. La maqembu azophinde ahlangane kulo mqhudelwano eDHL Stadium, eKapa, ngoSepthemba 7.
Komunye umdlalo weRugby Championship kuzotholana phezulu i-Argentina ne-Australia ngawo uMgqibelo phakathi kwamabili.
Selilonke iqembu limi kanje:
Ox Nche, Bongi Mbonambi, Frans Marlhebe, Peter-Steph du Toit, Ruan Nortje, Siya Kolisi (ukaputeni), Ben-Jason Dixon, Jasper Wiesse, Kobus Reinach, Sacha Feinberg-Mngomezulu, Kurt-Lee Arendse, Damian de Allende, Jesse Kriel, Cheslin Kolbe, Aphelele Fassi.
Ebhentshini:
Malcolm Marx, Gerhard Steenkamp, Vincent, Marco van Staden, Elrigh Louw, Kwagga Smith, Grant Williams, Andre Pollard