EzakamuvaIbhola

UNabi ubukeka esenqumile ngokaputeni omusha weChiefs

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubukeka esesithathile isinqumo mayelana nokuthi ubani ozovala isikhala sikaYusuf Maart njengokaputeni waMakhosi.

UMaart uyishiyile iChiefs njengoba eseyodlala e-Austria kwiSV Ried egijima kwiBundesliga kuleliya zwe.

Ukuhamba kukaMaart kushiye imibuzo yokuthi ngabe ubani ozoba ukaputeni weChiefs njengoba kuqala isizini entsha.

Emidlalweni yokulungiselela isizini entsha eqhubekayo eNetherlands, u-Inacio Miguel uyena ohlale egqoke ibhande likakaputeni uma kuqala imidlalo yeChiefs.

Lo mdlali wase-Angola (ozalelwe ePortugal) uyena vele obegqoka ibhande likakaputeni uma engekho uMaart ngesizini edlule.

Lokhu kungenzeka kwenze kwaba lula kuNabi ukuthi avele aqoke uMiguel ukuthi ahole Amakhosi njengokaputeni ngesizini ezayo, ngoba vele yinto ayijwayele ukuyenza.

Bakhona abanye abadlali beChiefs asebeke baligqoka ibhande likakaputeni, okubalwa kubona uBrandon Petersen, unozinti, noReeve Frosler odlala emuva kwesokudla.

IChiefs iqedela imidlalo yobungani yokuluzilungiselela isizini entsha eNetherlands.

NgoLwesibili ibingcweka nePEC Zwolle lapho Amakhosi enqobe khona ngo 1-0 wegoli likaNaledi Hlongwane.

Leli iqembu laseNaturena lizobhekana neFC Twente komunye umdlalo wobungani ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.

Abalandeli baMakhosi balindele ukulibona kahle ukuthi liphetheni iqembu labo, uma selitholana phezulu ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.

Lo mdlalo uqondene nemidlalo yeKZN Premier’s Cup ezodlalwa amaqembu aKwaZulu-Natal eMhlathuze Sports Ground ngempelasonto efanayo.

Amaqembu azobhekana kwiPremier’s Cup AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay FC, iDurban City, iMilford aFC neMidlands Wanderers, esanda kunyukela kwiMotsepe Foundation Championship.