EzakamuvaIbhola

UCijimpi uphawula ngokungadlali kukaRowan Human Osuthwini

Njabulo Shezi

URowan Human ngomunye wabadlali abebefunwa amaqembu amaningi kulandela ukudliwa yizembe kweMaritzburg United, kwaba AmaZulu FC amtholayo. 

Njengoba kuhambe inqwaba yabadlali kuMaZulu, bekulindeleke uHuman asheshe alithole ijezi kodwa kubukeka kusazomthatha isikhathi. 

Umqeqeshi woSuthu, uPablo “Cijimpi” Martin, uthi basamsebenza lo mdlali wasesiswini ukuze afike ezingeni abalidingayo. 

“Ufike sekwedlule isikhathi kakhulu, asibanga naye ngesikhathi silungiselela isizini ngenxa yokuthi ubekwiBafana Bafana. 

“Ngakho sidinga ukuthi afike ezingeni elifanele lokulungela ukudlala kuqala,” kusho lo mqeqeshi kwabe-iDiski Times. 

URowan Human ubengomunye wabadlali abebekwiBafana ezidlala kwiCosafa Cup ngoJulayi, icijwa uMorena Ramoreboli. 

Wadlala kahle kulo mqhudelwano futhi yikhona la uMartin ambona khona kahle benoSibongiseni Mthethwa abemfisa kodwa iqembu lehluleka ukumthengela yena.

UMartin uveze ukuthi wayehlele ukumdlalisa uRowan Human ngesikhathi bebhekene neTS Galaxy emdlaleni wabo wokugcina. 

Kodwa uthi kunezimo ezenzeka ngokuqhubeka komdlalo ezenza angcine engamfakanga njengokuhlela kwakhe.

“Wayekhona ihlelweni lomdlalo ukuthi simsebenzise ngesiwombe sesibili. Kodw ake izimo zajika wagcina engadlalanga. 

“Akusikhona ukuthi akenzi kahle… Bakhona nabanye abadlali abasesimweni esifanayo.

“Isibonelo nje, uPule Ekstein bengifisa ukukuveza emphakathini ukuthi wenza kahle ejimini yize engadlali. 

“UPule walithola ithuba lakhe, walisebenzisa. Yilokho nabanye abadlali okudingeka bakwenze. 

“Ngiyazi yisimo esingemnandi lesi kuRowan Human kodw akumele aqhubeke asebenze kanzima ukuze uma kufika ithuba lakhe akwazi ukulisebenzisa.”

FUNDA NALA: UNtseki ufuna uJasond Gonzales akhale egijima njengempangele

UMartin uzoba namaviki amathathu kuqinisa lapho esola ukuthi kuyaxea eqenjini lakhe njengoba umdlalo olandelayo uyoze ube ngeSonto likaSepthemba 17.