Ulande abaqeqeshi, angase alande nabadlali kuleli uMiddendorp
Njabulo Shezi
Usephinde wavulela abaqeqeshi bakuleli ithuba emazweni angaphandle u-Ernst Middendorp osanda kuqashwa yiqembu laseTanzania.
U-Ernst Middendorp umenyezelwe yiSingida Fountain Gate njengomqeqeshi wayo omusha ngoLwesihlanu ntambama.
Ubesanda kubuya kwelakubo eGermany la ebeqeqesha khona iSV Meppen edlala ezigabeni eziphansi njengoba esevuka ngomsebenzi omusha.
Kuthe ngoMsombuluko leli qembu laveza ukuthi selilande uThabo Senong ukuba azoba yiphini lika-Ernst Middendorp.
USenong ubesebenza kwiSekhukhune United ephethe uphiko lokuthuthukiswa kwamakhono abadlali abasebancane.
Wake wasebenza nakwiSafa engumqeqeshi weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-20 futhi waba nempulelo enkulu.
Uke wathi qu naseLesotho engumqeqeshi weqembu lesizwe elikhulu lakhona.
Cishe yiwo lamava akhe ahehe uMiddendorp. Lo mqeqeshi ulande noThembalethu Moses ozoba ngumqeqeshi wonozinti, noKelvin Ndlomo ozoba sethimbeni lodokotela beqembu.
Ngesikhathi esebenza kwiSt Georges yase-Ethiopia eminyakeni embalwa edlule, uMiddendorp walanda uMaahier Davids ukuba azomsiza.
Kwathi uma eshiya kuleli qembu, esebuyela kuleli, washiya lo mqeqeshi osemncane ukuba aqhubeke nomsebenzi. Nokho wabuye washiya naye.
Kusangenzeka ke alande nabadlali lo mqeqeshi njengoba kubukeka ededeliwe ukuthi enze ngendlela athanda ngayo.
FUNDA NALA: UCijimpi uphawula ngokungadlali kukaRowan Human Osuthwini
U-Ernst Middendorp uke wabonakala emdlalweni weKaizer Chiefs naMaZulu eqobela phansi ebhukwini elincane okuthile okusolakala ukuthi ulwazi ngabadlali.