EzakamuvaIbhola

Bachithwa umthetho omusha eBotswana oRakhale, Skhwama noSangweni

Njabulo Shezi

Abadlali abathathu bakuleli – oThabo Rakhale, Tsepo “Skhwama” Matete noSiphamandla Sangweni bangase bajikiswe eBotswana la bese bethole khona itoho. 

URakhale sike sabika ukuthi usekwiJomo Cosmos, kodwa ubuye washiya uma esethola okungcono kwiligi enkulu yaseBotswana. 

Uyena, uMatete noSangweni bethulwe yiTownship Rollers, engelinye lamaqembu amakhulu eBotswana, ngeviki elidlule njengabadlali bayo. 

Lokhu kujatshuleliwe kuleli ngoba bebebonakala bethola elinye ithuba lokuthola isinkwa ngamakhono abo. 

Kodwa kubukeka leli qembu lizophoqeleka ukubakhulula bengakadlali nakanye njengoba sekushaywe umthetho omusha obachithayo. 

Ngokwemibiko eqhamuka eBotswana, iligi yakhona seyishaye umthetho wokuthi abadlali abasayinwa besuka ngaphandle kumele kube sebeke badlalela iqembu lesizwe ngakubo. 

Kubikwa ukuthi kufuneka umdlali ngamunye kubbe wukuthi okungenani useke wadlala amahlanda amathathu eqenjini lesizwe kunoma yisiphi isigaba. 

Bobathathu ke laba abakaze badlale emaqenjini esizwe okuyinto eyenza isimo abo sibe nzima kakhulu njengoba bengase balahlekelwe yitoho nje. 

FUNDA NALA: Iyawunqoba iSundowns umjaho wokusayina umaseko weSuperSport

Nokho kuvela ukuthi iTownship Rollers isazama ukubancengela ngokuthi lo mthetho uphasiswe bona sebevele besayinile ngakho akumele ubathikameze.