Kwembulwa kwembeswa kumshayisibhakela odutshuliwe eGoli
Umshayisibhakela ongumpetha wakuleli esisindweni se-bantamweight uRonald Malindi usesimweni esibucayi esibhedlela kulandela ukudutshulwa kabili ekhanda ngoLwesibili ntambama.
UMalindi, oneminyaka engu-29, kuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa eseBrixton eGoli kodwa imininingwane egcwele ngokuthi bekwenzenjani ayikatholakali.
Ngokubika kwabeCitizen ngoLwesithathu, amaphoyisa asaphenya icala lokuzama ukubulala. “Kuphenywa icala lokuzama ukubulala owesilisa oneminyaka engu-29 oduthsulwe abasolwa abangaziwa ehamba ngemoto eBrixton.
“Imbangela yalokhu kudubula ayaziwa okwamanje,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Dimakatso Nevhuhulwi.
UMalindi kuthiwa usegunjini labagula kakhulu esibhedlela iHelen Joseph esise-Auckland Park khona eGoli.
Umqeqeshi kaRonald Malindi, uSean Smith, uthe lo mshayisibhakela ubesejimini yabo eSunninghill ngoLwesibili ekuseni, wahamba nomunye umshayisibhakela beyofuna abazokudla.
“Ubekade esenesikhathi sagcina ukumbona ngakho sikujabulelile ukumbona,” kusho uSmith kwabeCitizen.
“Ngemuva kokuba bedle isidlo sasemini, esebheke ekhaya, ngizwa kuthiwa udlule ndawana thize eWestbury.
“Ngibone sengithola izingcingo kwaze kwaba kathathu engingazibonanga zisangena ngabo-3:45 ntambama.
“Kuthe uma sengifonela intombi yakhe, yangitshela ukuthi uRonald udutshuliwe. Angazi ke ukuthi bekwenzenjani. Ngizwe kuthiwa isimo sibi impela.”
Intombo kaMalindi uMonique Hendricks, ithe lo mshayisibhakela usesesimweni esingcono.
“Usasesibhedlela, kunzima. Ubukeka engconywana namuhla, kodwa kusekubi,” kusho uMonique.
Le ntokazi ithe nayo ayazi kwenzekeni ngesikhathi uRonald Malindi eye eWestbury. Lo mshaiyisibhakela wake waveza isifiso sokungena kwezamatekisi.
Wayevele ke eke waba ngumshayeli ematekisini ngaphambi kokungena esibhakeleni esikhokhelayo.
FUNDA NALA: IDowns iqiqinga itshe lemali, iyolinga iCity ngoMayo
Nangesikhathi esengumshayisibhakela okhohelwayo, uqhubekile nokushayela itekisi isikhashana.