EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UTso Vilakazi ucebisa uKhanyisa Mayo ngokumele alijoyine

Ngokubona kukaBenedict “Tso” Vilakazi, uKhanyisa Mayo kobe uzisizile uma engayanga kwiMamelodi Sundowns uma kwenzeka esuka kwiCape Town City. 

UMayo ngomunyue wabadlali abasebenze into ebonakalayo kule sizini kanti kukhona ukuqagela ngaye. 

Phela njengoba sekusondela isikhathi sokuvulwa kwewindi lokusayinwa kwabadlali kwiPSL, sekunomoyana wokuthi kunamaqembu amakhulu amfunayo. 

Ubudlelwano beCity neSundowns buhle futhi akungabazeki ukuthi uma leli qembu laseChloorkop lingafaka isicelo, ngeke sinqatshwe ngoba aligodoli nemali. 

Nokho uTso Vilakazi uthi uKhanyisa Mayo engaba ngumdlali ongcono kunalokhu anguye uma engaya kwiKaizer Chiefs. 

“Singafisa nje phela thina ngokwethu kodwa siyazi imali ekhulumayo,” kusho uTso Vilakazi kwabe-iDiski TV. 

“Kumele aye kwiChiefs… Abamuse kwiChiefs ngoba uzofike adlale kanti kwiSundowns kuzoba nzima.

“Kuzomele abange indawo yokudlala nabadlali abafana noPeter Shalulile. 

“Futhikokunye iSundowns idlala engekho umgadli. UShalulile umthole esedlala ophikweni. 

“Kusekhona noCassius Mailula khona lapho, nabanye abaningi abalinde ithuba,” kuchaza uTso Vilakazi. 

“Yingakho mina ngibona kungeyona into enhle ukuthi uKhanyisa Mayo aye kwiSundowns.

“Kumele aye kwiChiefs ngoba ayinaye umgadli ofana naye. Mude, unomzimba oqatha kahle kanti uyakwazi nokugcina ibhola. 

“Mina ngimbona engaba muhle kakhulu kwiChiefs,” kusho le nkakha eyadlala kwi-Orlando Pirates nakwiSundowns. 

Nayo iPirates ike yavela emagameni amaqembu amhalelayo lo mdlali weCity. 

FUNDA NALA: Zishaywa ngesithende izinkakha enkulisa yeSundowns

Uma uKhanyisa Mayo egcina kwiChiefs, kungenzeka afike ehambisana nozakwabo uMduduzi Mdantsane.

Phela kuke kwanemibiko ethi iChiefs neCity sebevumelene ngalo mdlali wasesiswini, sekusele kukhokhelwane.