EzakamuvaIbhola

Akusemnandi ku-Olisa Ndah onyisa yisikimu kwiBucs

Useqala ukukhathazeka ngokunyiwa isikiu umdlali wasemuva we-Orlando Pirates u-Olisa Ndah ngokusho kwabazazi kangcono ezaleli qembu. 

Lesi sitobhha esisesincane sifike kwiPirates ngesizini ka-2021/22 futhi wafike wadlala ngendlela eyakhumbuza abaningi uMbulelo Mabizela. 

U-Olisa Ndah wadlala imidlalo engaphezu kuka-30 ngesizini yokuqala, yaphela enconywa ngapha nangapha. 

Indlela ayedlale kahle ngayo, abaningi babona engeke ahlale isikhathi eside kuleli kodwa kuzofika amaqembu ase-Europe ezomthenga. 

Akuhambangake kahle ku-Olisa Ndah ngesizini edlule njengoba ijezi ebelizwa ngendaba ngenxa yokulimala okwathatha isikhathi eside ukwelapheka. 

Kuthe nala ebuya khona, waba neshwa washaya igoli ngakubo emdlalweni obalulekuiie la iPirates yayibhekene khona neKaizer Chiefs.

Ngenxa yokulimala nokunyiwa isikimu, udlale imidlalo engu-17 kuphela ngesizini edlule, okuyingxenye yaleyo ayidlala kweyokuqala.T

“U-Olisa Ndah useqalile ukukhathazeka ngalento yokungadlali ngoba iyamvimbela ekubuyeleni eqenjini lesizwe leNigeria. 

“Kubuhlungu ke lokho ngoba sonke siyazi ukuthi ungumdlali onekhono futhi sakubona akwenza ngesizini yakhe yokuqala,” kusho umthombo. 

Okwenz akube nzima kuNdah, owaphenduka isilomo sabalandeli ngokushesha, wukuthi iPirates isayine ezinye izitobha ezimbili ngesizini edlule. 

Ukufika kukaTapelo Xoki noNkosinathi Sibisi kubadlisele nxanye abaningi njengoba umqeqeshi uJose Riveiro ekholelwa kubo. 

Ngisho ukaputeni, u-Innocent Maela uselithola amacozucozu ijezi kusukela kwafika uXoki noSibisi. 

Okuhle ke nokho wukuthi kuthiwa uNdah usazimisela ngokufanele ejimini, akakhombisi ukuthi ukhathazekile ngokunganikwa kwakhe ithuba. 

“Lento ayimphathi kahle kodwa uyazi ukuthi uma udlala kuleli zinga, kumele uziphathe ngendlela efanele ungasebenzisi imizwa,” kusho lo mthombo. 

FUNDA NALA: Andile Dlamini noma Kaylin Swaart: amehlo athe njo ku-Ellis

Uveze nokuthi yize engenelisekile ngokuphelele, ngeke aye ndawo ngoba iqembu liyamdinga kwazise linemidlalo eminingi kule sizini.