Unemengokukhula kwelabesifazane uPhewa ‘owayehola u-R50’
Sihle Ngubo
UVeronica Phewa owayedlalela iBanyana Banyana useveze ukuthi bona ngezikhathi zabo babehola u-R50 kuphela eqenjini lesizwe.
Usho lokhu ngesikhathi kuqhubeka umdlalo weCosafa Cup phakathi kweMamelodi Sundowns neGreen Buffalos eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesithathu.
UPhewa waqala ukudlala kwiBanyana Banyana eneminyaka engu-14 ngo-1993.
“Thina sasihola u-R50 ngosuku. Cabanga nje ukuhola u-R50 udlalela iqembu lakho lesizwe,” kusho uVeronica Phewa ehleka.
Uthe kuyamjabulisa ukuthi ibhola labesifazane selikhulile eNingizimu Afrika nase-Afrika yonke.
“Sasishaywa kakhulu ukungabi nabaxhasi thina. Kungcono manje abaxhasi sebekhona naba oHollywoodbets bayaleseka ibhola lamantombazane.
“Sasizama kodwa sasifike simiswe yiNigeria, yikho sasingakaze siye kwiNdebe yoMhlaba.
“Into esiza iBanyana Banyana manje ukuthi inabadlali abaningi abadlala phesheya.
“Lokhu kwenze ukuthi baze bafike kwiLast 16 yeNdebe yoMhlaba. Benze kahle kakhulu.”
UVeronica Phewa uthe akuseyona iNigeria kuphela edlala ibhola elihle kodwa wonke amazwe ase-Afrika akhulile kunobhutshuzwayo wabesifazane.
“Buka nje iMorocco ukuthi idlala ibhola elinjani, kanjalo namazwe afana neZambia neGhana. Ibhola labesifazane likhulile ngenxa yabaxhasi,” kusho uPhewa.
Le ngwazi yayiyibamba nabadlali bakudala abafana noDesree Ellis, osecija iBanyana Banyana, noPortia Modise.
UPhewa uncomile indlela izinga eliyiyona kweyokuhlunga yeCosafa Cup eqhubekayo eThekwini.
FUNDA NALA: Kufezeke iphupho laseLenge ngenkundla yezemidlalo
“Kudlalwa ibhola elihle futhi ngiyajabula ukuba yingxenye yale midlalo,” kuphetha yena.