EzakamuvaIbhola

OweChiefs uveza akutshelwe uNabi ngokushaya izitayela

SIHLE NGUBO

Umdlali weKaizer Chiefs osemncane, uMfundo Vilakazi, uveza akutshelwe umqeqeshi uNasreddine Nabi mayelana nokushaya izitayela enkundleni.

Kube nomsindo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi uVilakazi eshaye izitayela iChiefs ibhekene neYoung Africans, yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup eBloemfontein ngenyanga edlule.

Ngesikhathi lo mdlali enza lokhu iChiefs ibilandela ngemuva ngo 1-0. Umdlalo ugcine uphele ngo 4-0 iYanga yakhala yemuka neToyota Cup.

Abaningi bebemgxeka uVilakazi ngokushaya izitayela ezingayi ndawo iqembu livele lilandela ngemuva. Nenkakha uMlungisi “Professor” Ngubane, ithe lo mdlali kumele awuyeke lo mkhuba ikakhulukazi uma iqembu lakhe lidliwa. Bakhona abathe azinankinga izitayela uma kungukuthi ziya phambili.

“Umqeqeshi uthe akanankinga nezitayela kodwa kumele ngiye phambili. Akufanele ngenze izitayela ngiye emuva ngoba ngeke zilisize ngalutho iqembu,” kusho lo mdlali ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekhempini ye-Under 20.

“Ngingazishaya izitayela ngendlela engiyithandayo uma siwina, hhayi uma silandela ngemuva. Ngidinga ukusebenza kanzima ukuze ngiqale imidlalo bese nginyuse ukuzethemba, ngizane ukuba ngcono lapho ngingaba ngcono khona.”

IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoSepthemba 14.