Bayawathola amakhaya abachithwe yiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali ochithwe yiKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, usezitholele ikhaya kwiSuperSport United.
UDolly ungomunye wabadlali abachithwe yiChiefs ngeSonto eledlule. Kubona kukhona noSiyethemba Sithebe, uSifiso Hlanti, kanti uNjabulo Ngcobo usendleleni ebheke kwiSekhukhune United.
Okuphawulekayo ukuthi abadlali abachithwe yiChiefs sebewatholile amakhaya ngaphandle kukaSifiso Hlanti. USithebe usayine kwiRichards Bay ngoLwesithathu.
UDolly ufike kwiChiefs evela kwiMontpellier yaseFrance. KuMakhosi udlale imidlalo engu-67, washaya amagoli angu-14, wasiza ukwakha angu-11. Lo mdlali bekuthiwa uhola imali elinganiselwa ku-R1 million kwiChiefs, yize kuyinto engazange iqinisekiswe.
Akwaziwa ukuthi kwiSuperSport uzothola malini kodwa maningi amathuba okuthi uzobe ehola kakhulu kunabo bonke abadlali. Inkinga ngoDolly, oke wadlala nakwiMamelodi Sundowns, ukuthi ulimala njalo nokuyinto okukholakala ukuthi imxoshise kwiChiefs.