USamir Nurkovic uphawula ngodaba lwakhe neRoyal AM
Njabulo Shezi
Umgadli owazakhela igama kwiKaizer Chiefs manje osekwiTS Galaxy, uSamir Nurkovic usamile ekutheni yena wayengalimele ngesikhathi ekwiRoyal AM.
USamir Nurkovic wajoyina iRoyal AM kulandela ukwehlukana neChiefs ngoJulayi ka-2022. Kodwa izinto azohambanga ngendlela ayefisa ngayo.
Wayesayine iminyaka emibili, kodwa akuphelanga nezinyanga ezintathu wabe esexoshwa.
Imenenja yakhe uDavor Lazic wabe esesheshe eluyisa kwiFifa udaba lokuxoshwa kwakhe, nebala yabavuna le nhlangano.
Lokho kwaholela ekutheni kuthiwe leli qembu kumele limkhokhele imali ebalelwa ku-R12-million.
Okwamanje leli qembu alikakakhokhi njengoba lithi lisazolulwa lolu daba. Kodwa okwamanje lisamisiwe ke ukusayina abadlali kuze kube liyakhokha.
Ekhuluma kwiSport Night Amplified kwiMetro FM ngoLwesithathu, uSamir Nurkovic uphawule ngalesi sixakaxaka nokuthi samphathabkanjani.
“Izinto ezinjalo zazingale kwamandla ami. Ngummeli nemenenja yami empeleni abangaphendula kahle ngalento,” kusho uSamir Nurkovic.
“Mina ngangingangene kangako. Kodwa ke ukukhuluma iqiniso nje, kwakuyisikhathi esinzima kakhulu engazithola kuso.
“Ngangifithi ngokuphelele ukuthi ngingadlala. Ukugcina kwami ukulimala ngangisekwiChiefs.
“Wonke umuntu uyakwazi lokho. Izwekazi lonke liyakwazi lokho. Ngalimala sidlala kowamanqamu kwi(Caf) Champions League,” kuchaza lo mgadli.
Ngemuva kokuxoshwa kwiRoyal AM, uSamir Nurkovic wazama inhlanhla kwiCape Town City kodwa nakhona wachithwa.
Muva nje ubeye kwiRaja Casablanca yaseMorocco nakhona kwangahamba kahle njengoba esebuyele kuleli, wajoyina iTS Galaxy.
Kulindeleke ukuthi asheshe angene eqenjini eliqala imidlalo kwiGalaxy njengoba ivele ishoda phambili.
FUNDA NALA: Amathunzi ayewukela kuSiyabonga Ngezana eRomania
Ngaphezu kwalokho uzophinde adlale noBernard Parker ababedlala ngokuzwana okuhle naye ngesikhathi bekwiChiefs eminyakeni emibili edlule.