EzakamuvaIbhola

I-PSL seyibalule izinkundla zeyeMTN8 noweSudnowns neChiefs

Njabulo Shezi

IPremier Soccer League (PSL) isiqinisekise inkundla entsha okuzodlalelwa kuyo umdlalo obhekwe ngabomvu weMamelodi Sundowns evikela isicoco seDStv Premiership nezimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs.

Lo mdlalo bekufanele udlale ngo-3 ntambama eLoftus Stadium, ePitoli, okuyinkundla yasekhaya yeSundowns ngoLwesithathu oluzayo.

IMamelodi Sundowns iyisebenzisa ngokubambisana neqembu lerabhi iBulls, elidlala kwi-United Rugby Championship, Champions Cup neCurrie Cup.  

Kodwa ke iLoftus Stadium iyalungiswa njengoba kutshalwa kabusha notshani kulungiswa nokunye okuzoyenza ibe sezingeni lesimanje. 

Le nkundla kuthiwa seyiyoze isebenziseke ngo-Okthoba la kuzobe sekuphele khona konke lokhu kulungiswa futhi notshani sebulungele ukuthi kungadlalwa kubo.

Lesi simo besishiye iMamelodi Sundowns inennkinga yokuthi izoyidlalelaphi imidlalo yasekhaya. 

Kodwa leyo nkinga seyilungile njengoba i-PSL seyiqinisekisile ukuthi Sundowns izodlala neChiefs eLucas Moripe Stadium ese-Atteridgeville.  

Kodwa ngaphambi kwalowo mdlalo, iSundowns izovula iDStv Premiership ngomdlalo wasekuhambeni kwiSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesihlanu kusihlwa.

Lo mdlalo uzoqala ngo-7.30 kusihlwa. IChiefs yona izovula ekhaya ngeChippa United kodwa lo mdlalo iwuse eThekwini njengoba uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium. 

Lo mdlalo wona uzoba ngeSonto ngo-3 ntambama. I-PSL iphinde yaveza ukuthi iMoroka Swallows izowudlalela eDobsonville Stadium umdlalo wayo neCape Town City. 

Lo mdlalo nawo ungoLwesithathu oluzayo kanti bekukade kuthiwe uzodlalelwa eDr Molemela Stadium, eBloemfontein.  

I-PSL iphinde yamemezela izinkundla nezikhathi okuzodlalwa kuzo imidlalo yeMTN8 ngempelasonto elandela le esiya kuyo. 

Ngo-Agasti 12 iSundowns isodlala neSwallows eLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama. 

Lowo mdlalo uzolandelwa ngowe-Orlando Pirates neSekhukhune ozoba se-Orlando Stadium ngo-6 kusihlwa. 

FUNDA NALA: Uzama itoho kwiRoyal AM umdlali owaduma kwi-Orlando Pirates

ICape Town City yona izodlala neChiefs e-Athlone Stadium ngeSonto lika-Agasti 13 ngo-3 ntambama. 

Ngalo isonto, iSuperSport United izodlala neStellenbosch FC ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngo-6 kusihlwa.