EzakamuvaIbhola

Amathunzi ayewukela kuSiyabonga Ngezana eRomania

Njabulo Shezi

USiyabonga Ngezana udlale umdlalo ophelele okokuqala kwiFCSB ngempelasonto futhi wadlala kahle benqoba ngo 3-0. 

Selokhu afika kuleli qembu elidlala esigabeni esiphezulu eRomania, uSiyabonga Ngezana ubedonsa kanzima izinto zingamhambeli kahle. 

Abaphathi beqembu bake baze bazingabaza ukuthi ngabe bathenge kahle yini njengoba lo mdlali wasemuva ubehluleka ukujwayela isitayela seqembu. 

USiyabonga Ngezana ujoyine leli qembu kungalindele muntu ngoJulayi esuka kwiKaizer Chiefs akhulele kuyo.

Nokho izinto zibukeka seziqala ukuhamba kahle kulo mdlali, futhi ujabulile ngendlela adlale ngayo emdlalweni wangempelasonto.

 “Ngijabule ukuthi asingenelwanga goli,” kusho uNgezana kwabeDigi Sports. Ube esechaza ukuthi njengoba kungokokuqala edlala ngaphandle, kube nzima ukuthi ajwayele. 

“Akulula ukuthuthela kwelinye izwe, kungithathe isikhathi ukujwayela. Bekungemnandi nokuhlala ebhentshini. 

“Kodwa bengazi ukuthi elami ithuba lizovela. Ngethemba ukuthi ngidlale kahle namuhla. Akulula neze kimi. 

“Kodwa kuwukufezeka kwephupho ukudlala la e-Europe. Uma ungumdlali kumnandi ukudlala enkundleni egcwele (abalandeli).”

UNgezana unikwe ithuba nje kulandela ukuthi isethenjwa seqembu esidlala indawo efanayo naye, Vlad Chiricheș elimalile. 

FUNDA NALA: UKaizer Motaung uyalila ngoMama kaSibongile

Ngokwemibiko evela kuleli lizwe, uChirches usazohlala isikhathi eside engadlali okuyinto evulela uSiyabonga Ngezana intuba yokuzinza eqenjini.