Ezakamuva

Usazotoka osolwa kwelokubulala uSenzo Meyiwa obefuna ibheyili

Sichithiwe enkantolo enkulu yasePitoli isicelo sebheyili somunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. 

Imibiko ithi uBongani Ntanzi, ongomunye wabahlanu abangabasolwa kuleli cala, ubefake isicelo sokukhululwa, aliqule esekhaya icala. 

Lesi sicelo sakhe besilalelwe yinkantolo ngoLwesihlanu. Inkantolo ithe uNtanzi wehlulekila ukubeka izizathu ezinqala zokuthi akhululwe. 

USenzo Meyiwa wabulawa ngesihluku esigamekweni sokudubula ngo-2014. 

UNtanzi ubekwe icala yokuhlela ukubulala, ukubulala ngenhloso, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi nokuba nesibhamu esingabhalisiwe emthethweni.

Iphini leJaji elikhulu eGauteng, u-Aubrey Ledwaba lithe nguye uNtanzi okumele avezele inkantolo ukuthi kungani efanelwe yibheyili. 

Liphinde lathi alikuqondi ukuthi kungani uNtanzi efaka isicelo sebheyili manje njengoba sekuphele iminyaka emibili aboshelwa leli cala. 

UNtanzi utshele inkantolo ukuthi ekhaya babheke yena, futhi ikati lilele eziko njengoba egqunywe esitokisini nje. 

USenzo Meyiwa wabulawa evakashele intombi

Ijaji lithe uNtanzi akazange asho ukuthi ingakanani imali anayo ebhange, futhi akazamanga ukuthi idedelwe ukuze isize ekhaya. 

“Abukho ubufakazi bokuthi uzobuyiselwa emsebenzini noma athole omunye ngokushesha uma ededelwa,” usho kanje uJaji Ledwaba. 

Sekuphele iminyaka ecela eshumini uSenzo Meyiwa abulawa eSpruitview, ngaphandle kwaseGoli. 

Kwakungu-Okthoba 27, 2014 ngesikhathi edutshulwa esekhaya lalowo owayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi uKelly Khumalo. 

Yize kwakunabantu abaningi endlini ngesikhathi kungena amadoda agcina ngokumdubula ambulale, kuze kube manje akwaziwa okwenzeka. 

FUNDA NALA: Kubuya abebelimele kwi-Orlando Pirates, akucaci ngoLorch 

Ukukhombana ngeminwe nakho akuphezi. USenzo Meyiwa wayengunozinti kw-Orlando Pirates neBafana Bafana ngesikhathi ebulawa. 

Uyise kaSenzo, uSam Meyiwa, usaze washona ebalisa ngokuthi ufisa ukuthola iqiniso ngokubulawa kwendodana yakhe. 

Ukuqulwa kwaleli cala kulindeleke kuqhubeke ngeviki elizayo.