UVincent Pule uveza okwenza iPirates ibe yile ngozi eyiyo
Njabulo Shezi
UVincent Pule ukholwa wukuthi ubumbano olufike nomqeqeshi uJose Riveiro kwi-Orlando Pirates yilo oluletha impumelelo kuleli qembu.
Ngesizini edlule, iPirates inqobe izindebe ezimbili ngesizini eyodwa okokuqala ngemuva kweminyaka eminingi.
Leyo bekuyisizini yokuqala kaRiveiro kanti nakulena kusahamba kahle. IPirates isilufakile unyawo olulodwa kowamanqamu kwiMTN8.
Nakwiligi iza kahle yize isisalele kakhulu emuva kwiMamelodi Sundowns. Leli qembu lingene emzuliswaneni wesibili nakwiCaf Champions League.
Lizobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana emzuliswaneni wesibili, kanti uma idlula lapho izongena esigabeni samaqoqo.
Umdlali waleli qembu ongomunye wabangaconsi phansi kubalandeli, uVincent Pule, uncome indlela yokuphatha kaRiveiro, athi yiyo eletha le mpumelelo.
“Ya, uyabona ukubambisana kuyamangalisa eqenjini,” usho kanje uVincent Pule kwabe-iDiski Times kuleli viki.
“Ngicabanga ukuthi siyiqembu, sifuna ukuzuza okungaphezulu kwalokhu esikuthole ngesizini edlule.
“Futhi ngicabanga ukuthi yinto esingakwazi ukuyenza leyo ngoba sisebenza ngokubambisana,” kuqhuba yena.
UVincent Pule, osanda kubuya ekulimaleni, akakadlali kule sizini kodwa isikhala sakhe asibonakali njengoba iqembu lenza kahle nje.
Nokho lokho akumxaki ngoba uyazi ukuthi uma kunqoba iqembu, banqoba bonke hhayi laba abasuke besenkundleni kuphela.
“Sifuna ukwakha izikhathi zenjabulo sindawonye. Noma sekuvela izikhathi ezinzima, siyabambisana, sisizane.
“Sifuan ukubona wonke umuntu ekhula, ezuza okuthile njengoba sidlala kuleli zinga nje,” kuchaza leli nxele.
Njengoba kusekhefini lemidlalo yeCaf, cishe uVincent Pule uzozikhandlela ukuthi uma kubuywa naye abuyele eqenjini.
IPirates izobuyela enkundleni ngo-Septhemba 17 la izobhekana khona neGalaxy yaseBotswana ekuhambeni koweChampions League.
FUNDA NALA: Owesibhakela usize abebhola lezinyawo nelomnqakiswano eNtshanga
Umdlalo obekumele iwudlale neGolden Arrows weDStv Premiership wona uhlehlisiwe ukuyinika isikhathi sokulungiselela lona weChampions League.