EzakamuvaIbhola

Okusha ngeYanga negoli eliphikwe koweDowns

Iqembu laseTanzania, iYoung Africans, selifake isimangalo ngokusemthethweni kwiConfederation of African Football (Caf) ngezinsolo zokuthenga umdlalo kweMamelodi Sundowns koweCaf Champions League.

La maqembu abetholene phezulu emdlalweni we-quarterfinal yeChampions League eLoftus Stadium ePitoli, ngoLwesihlanu ebusuku.

Umdlalo ugcine uphele ngo 3-2 kunqoba iSundowns sekukhahlelwa amaphenathi. Ubuphele ngo 0-0 emizuzwini engu-90.

Nokho into esuse umsindo kakhulu kube yigoli elishaywe ngu-Aziz Ki Stephen ngomzuzu ka-57. Libukeke lingenile kodwa onompempe baliphika.

“Onompempe abebephethe umdlalo (bebalwa ngamagama) banqume ukungayi ukuyobhekisisa igoli kwiVAR,” kusho isitatimende seYoung Africans.

“Lokhu sikubona njengokwephula umgomo womdlalo omuhle nobulungiswa ebholeni.”

Kulesi sitatimende iYoung Africans ibeke izinsolo ezimbi ngeSundowns, ezingasehlisa kakhulu isithunzi sayo ebholeni lase-Afrika..

“Sisola ukuthi isenzo sikanompempe sikhomba ukukwenza ngenhloso ukupheka umphumela womdlalo, ukuze uvune iMamelodi Sundowns.

“Lokhu kwenza kube nezinsolo ezinzima zokuthi umdlalo ubuthengiwe. 

“Lokhu kufakazelwa ukuthatha izinqumo ngokwehlukile ngokusebenzisa iVAR.

“Bekugxilwe emaphutheni abenziwa yiYoung Africans abengaba nemiphumela yokuthi kuphume ikhadi elibomvu. 

“Kodwa kamuva yanganakwa eyegoli okuyilona, ngokungangabazeki.

“Isicelo sethu ukuthi luphenyisiswe lolu daba yiCaf. Kumele kutholakale ubufakazi bokuthi kunephutha elithile noma ukudayiswa komdlalo, uma kukhona.

“Lesi senzo siyingozi kakhulu kulo mdlalo futhi kumele sibhekisiswe ukuze kugcinwe ukuhlonipheka kokuqhudelana kwiCaf.”

Ngokwesitatimende seYoung Africans, iCaf kumele ithole amarekhodi omdlalo naweVAR, bese kuthi labo abatholakala benesandla kokwenzekile, kubhekwane nabo ngqo.

Umdlalo ubuphethwe uDahane Beida waseMauritania, kanti kwiVAR bekukhona uDaniel Ayi waseGhana noJenson dos Santos wase-Angola.