Owesibhakela usize abebhola lezinyawo nelomnqakiswano eNtshanga
Alfred Ngubane
USandile Vilakazi, ongumhleli wezimpi zesibhakela, uselule isandla emaqenjini ebhola angakubo eNtshanga, eseNtshonalanga yeTheku.
Ngalokhu ukhombise ukuba ngumuntu wezemidlalo osevuthiwe njengoba ehlele imidlalo yebhola lezinyawo kule ndawo azalelwa kuyo.
UVilakazi uthi ufuna ukubona abantwana bethuthuka kwezemidlalo, beshintsha izimpilo zabo nezemindeni yabo nomphakathi.
“Kumanje kuleli kudlange izidakamizwa eziqede abantwana, baphenduka imihambima,” kusho uVilakazi.
Le midlalo isizoba khona minyaka yonke njengoba sinososesheni wethu sifuna ukubuyisa ibhola nelomnqakiswano emphakathini.
“Lokhu sikwenza ngoba kuyacaca ukuthi izikole sezahluleka,” kuchaza le nsizwa ngalolu hambo olusha eluthathile.
Uphinde wanikela ngamajezi ebhola nawe-Netball emaqenjini abedlala kulo mqhudelwano wakhe wokuqala.
FUNDA NALA: IRichards Bay ngathi seyiphinde yabhinjelwa yizinto kwezezimali
“Ngikhulele khona eNtshanga futhi bekunodlame lwezepolitiki olubi, kodwa ngabona ukuthi ezemidlalo zingenza umehluko emphakathini wangakithi kube nokuthula.”