EzakamuvaIbhola

Owayegijima kwiBucs usayine kwelikaNasreddine Nabi eMorocco

Njabulo Shezi

UNasreddine Nabi, okungumqeqeshi obebhekwe kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi leli qembu liqashe uMolefi Ntseki, usesayine isethenjwa sakhe kwi-ASFAR Rabat. 

Lo mqeqeshi uphelele kuleli qembu elingompetha beligi yaseMorocco ngemuva kokufadalala kwezinhlelo zokuza kwiChiefs. 

Yize iChiefs ekugcineni yakuphika ukuthi ike yaxoxa noNasreddine Nabi, kodwa bekunamahlebezi aqinile ngaphambi kokuqala kwesizini. 

Futhi naye lo mqeqeshi wazivumela ngokwakhe ekhuluma nabeSunday Times ukuthi bayaxoxa nalo leli qembu laseSoweto. 

Njengoba lokho sekufana nomlando, lo mqeqeshi useqale izinhlelo zakhe eqenjini lakhe elisha i-ASFAR Rabat. 

Leli qembu libuyela kwiCaf Champions League kanti libheke nokuvikela isicoco seligi elisibanga neWydad AC, RS Berkane neRaja Casablanca phakathi kwamanye amaqembu. 

Phakathi kwezinhlelo zikaNasreddine Nabi wukusayina abadlali abathembile azoqinisa ngabo kanti omunye walabo nguBernard Morrison. 

Lo mdlali waseGhana onekhono elihle uke wagijima kwi-Orlando Pirates kuleli phakathi kuka-2016 no-2018. 

Ekushiyeni kwakhe kwiPirates wabe esesayina kwiSimba SC eTanzania, wabe esedlulela kwiYounga Africans la ahlangane khona noNasreddine Nabi. 

FUNDA NALA: UNkanyiso Zungu ushiyile kwiRoyal AM, uzama kwelinye iqembu

Kuyacaca ke ukuthi bazwanile impela njengoba sebephinde balandelana uma omunye eseshiya kwiYanga.