UScelo Zuma ugqugquzelwe uPitso ukusiza izingane ezincane
Alfred Ngubane
Asankenteza namanje amazwi kaPitso Mosimane kuScelo Zuma osesukumile, wazilandela iziyalo zalo mqeqeshi osedume umhlaba wonke.
UScelo Zuma, owazakhela igama kwiMoroka Swallows, useqale uhlelo lokuthuthukisa abadlali abasebancane babafana nabamantoombazane.
Lolu hlelo lwakhe luqala luzogxila ekuhlomiseli izingane ezineminyaka eyisithupha kuya kweyishumi ngamakhono ahlukene empilo, hhayi nje ukudlala ibhola kuphela.
UZuma ukhulume neMpempe wathi lo mbboono wawuthola kumqeqeshi wakuleli, uPitso Mosimane, okunguye owabagqugquzela ukuthi bagxile ekuthuthukiseni izingane ezisencane.
“Wathi lokhu kuzokwenza kube lula kubantwana ukubamba indlela yokudlala,” kusho uZuma.
“Bazoqhubeka baze bafinyelele phesheya kwezilwandle ngamakhono abo uma beqale kahle besebancane.”
Uphinde waveza ukuthi kuzoba nomgqudelwano walezi zingane ozoba seKloof, ngaseThekwini.
“Kuzodlala izingane zabafana nezamantombazane. Sizophinde sibafundise ngezindaba zokuxhaphazana nokuziphatha.”
FUNDA NALA: Owayegijima kwiBucs usayine kwelikaNasreddine Nabi eMorocco
Le midlalo izoqala ngoSepthemba 30 iphele ngo-Okthoba 1. Kunxuswa nabazali ukuthi beze bezosekela izingane zabo.