EzakamuvaIbhola

Ucu alusahlangani kuMahlatsi neKaizer Chiefs

UKamohelo Mahlatsi useshiyile kwiKaizer Chiefs njengoba evumelene naleli qembu ukuthi inqanyulwe inkontileka abenayo nalo. 

Ngenxa yalokho, uMahlatsi usemakethe kanti iqembu elimfunayo lingamthola mahhala futhi lingambhalisa noma sekuvalwe iwindi ngoLwesihlanu. 

UKaizer Motaung Jr, ongumqondisi wezemidlalo kuleli qembu laseNaturena, ukubongile ukuzinikela kukaMahlatsi ngesikhathi esagijima kwiChiefs.

Ngemuva kwezingxoxo nabamele uMahlatsi, banqume ukumdedela ukuthi ayozama ukuthola ithuba lokudlala njalo kwenye indawo. 

UMotaung Jr. uzwakalise ukubonga kweqembu ngamagalelo alo mdlali futhi wadlulisa izilokotho ezinhle ngemizamo yakhe yekusasa.

“UKamohelo ubezinikele ngaso sonke isikhathi ngesikhathi engumdlali weChiefs,” kusho uMotaung Jr ngoMsombuluko.

“Futhi, kulandela ukubonisana nabamele yena, sinqume ukumkhulula ngenhloso yokuthi athole ukudlala njalo kwenye indawo.

“Siyayibonga imizamo yakhe futhi simfisela konke okuhle ngekusasa lakhe,” kwengeza lo mphathi waMakhosi.

Ngaphambi kokuthi adlale kwiChiefs, lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala wenza ezibukwayo kwiMoroka Swallows.

Ukwenza kahle kwakhe lapho kumenze waba ngumdlali ovelele. UMahlatsi udabuka eSebokeng, futhi ikhono lakhe livundululwe qede lacijwa esikhungweni seSuperSport United, esidume ngokukhiqiza amathalente asezingeni eliphezulu.

Eminyakeni yakhe yokukhula, uMahlatsi uthole amava abalulekile ngesikhathi ebolekiswe kwi-Ubuntu FC, ngesikhathi idlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Uke wabolekiswa nakwi-University of Pretoria, lapho eveze khona ikhono akhe, wagcina esedonsa amehlo ezinhloli zeSwallows.

Kodwa kwiKaizer Chiefs akakwazanga ukungena emqgigqweni, futhi wehlulekile wukuzibekela indawo eqenjini eliqala imidlalo ngesizini yakhe yokuqala.

Kodwa izinto zibe zimbi kakhulu ngesizini yakhe yesibili njengoba sekugcine ngokuthi adedelwe kungakapheli nezinyanga ezimbili iqalile. 

Ube ngumdlali wesishiyagalolunye ukugxalwa kuleli qembu ngaphansi kwesandla sikaMolefi Ntseki njengoba Amakhosi ezama ukubuyisa isithunzi. 

FUNDA NALA: URiveiro uphoxwe abanike ithuba bafambula kwiBucs

Phakathi kwabanye babadlali abashiye iChiefs kubalwa uPhathutshedzo Nange, Kgaogelo Sekgota no-Alexander Cole.