‘ULyle Foster usazokhula kakhulu kwi-EPL,’ kusho uTau
Sbongs Gumbi
UPercy Tau, ongumgadli onekhono weBafana Bafana ne-Al Ahly SC, ukubheke ngabomvu ukubona uzakwabo, uLyle Foster, ephumelela kwi-English Premier League.
ULyle Foster ube nesiqalo esihle kwiBurnley FC njengoba eseshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu kule sizini.
Lo mgadli okhulele kwi-Orlando Pirates, ujoyine iClarets maphakathi nesizini edlule, wafike wasiza leli qembu linyuselwe kwiPremier League.
Ukudlala kahle kwakhe kwiJupiler Pro League yaseBelgium yikho okwadonsa iso likaVincent Kompany, umqeqeshi weBurnley.
UTau naye uke wadlala ngaphansi kukaKompany ngesikhathi eseBelgium, kanti nakwiPremier League uke wadlala ekwiBrighton & Holve Albion.
Uthi uLyle Foster kumfanele ukuba kule ligi, futhi ufisa ukumbona eqhubeka nokuvelela, agcine edlulele emaqenjini amakhulu.
Laba bobabili njengamanje bahlangene ekhempini yeBafana Bafana njegoba amaligi esekhefini lemidlalo yeFifa.
“Ngibona sengathi ukufanele ukuba la ekhona, futhi le ndawo akuyo imnika ithuba lokuveza ukuthi sinalo ikhono elifanele ukudlala kwi-EPL,” kusho uTau.
“Kumele aqhubeke nokuzikhandla, afunde. Okuhle wukuthi kukhona uKompany eduze kwakhe, ngethemba ukuthi bazokwakha ubudlelwano obuhle.
“Kodwa ke ngaphezu kwakho konke, ngiyaziqhenya ngaye, ngifisa ukumbona eqhubeka nokukhula,” kwengeza uTau.
Uma esebuyele e-England, uLyle Foster uzobe enethemba lokuthi uzokwazi ukusiza iBurnley izinze esigabeni esiphezulu.
Kule midlalo emithathu esayidlalile iBurnley, ayikanqobi nowodwa yize uFoster eyizama ngamagoli.
Nokho okwamanje uzobeka umqondo wakhe ekuqinisekiseni ukuthi uzibekisela indawo eqenjini leBafana elizoyodlala kwiCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari.
IBafana izozwana amandla neDemocratic Republic of Congo e-Orlando Stadium ngoLwesibili.
FUNDA NALA: UTignyemb usola iPirates ‘ngokubulala’ ikusasa likanozinti
Ibambane ngo 0-0 neNamibia kobungoMgqibelo kuyo le nkundla. NgoNovemba iBafana izoqala imidlalo yokucaba indlela ebheke eNdebeni yoMhlaba.