OweSuperSport akayingeni eyabachithwe yiChiefs neDowns
Isikhulu esiphezulu seSuperSport United, uStan Matthews, sithi ngeke babasayinise abadlali asebekhulile uBrian Onyango noSifiso Hlanti.
U-Onyango, oneminyaka engu-30, usanda kudedelwa yiMamelodi Sundowns kanti uHlanti, oneminyaka engu-34, uchithwe yiKaizer Chiefs.
UMatthews uthi badala laba badlali ukuthi bangabasayinisa kuMatsatsantsa a Pitori.
“Ngeke ngilokhu ngiletha abadlali abaneminyaka engu-30 kuya phezulu eqenjini. Belikhona ithuba lokusayinisa uHlanti no-Onyango, abadlali abahle, abantu abahle,” kusho uMatthews.
“UHlanti ubezofika namava emuva kwesokunxele kodwa ngeke ngilethe omunye umdlali oneminyaka engu-30 eqenjini. Ngiletha abadlali abaphakathi kuka-24 no-28 engikwaziyo ukuphinde ngibadayise uma kukhona obeka okuthile etafuleni.
“Labo abakwaziyo ukuqhubeka nokuhlala eqenjini uma kufanele, kube wukuthi basadlala ibhola elisezingeni eliphezulu.”
ENingizimu Afrika abadlali abaneminyaka engu-34 njengoHlanti, bakuthola kunzima kakhulu ukuthola amaqembu amasha. Kuba ngcono uma bezohlala emaqenjini abebewadlalela baze bagaxe amakhokho emgibeni.