Ividiyo ixoshise obeqeqesha iChiefs eqenjini elisha eMorocco
SIHLE NGUBO
Obengumqeqeshi wonozinti kwiKaizer Chiefs, u-Ilyes Mzoughi, usekhonjwe indlela kwiRaja Casablanca, ngemuva kokuhlala amasonto amabili kuphela kuleli qembu laseMorocco.
Lokhu kulandela ukuthi kuputshuke ividiyo embandakanya yena lo mqeqeshi, okukholakala ukuthi ibange ukuthi lungani khona uzinzo eqenjini.
Akwaziwa ukuthi ividiyo iquketheni kodwa lokho kwenze ukuthi iqembu limkhombe eza ngayo uMzoughi.
ICasablanca izobhekana ne-OC Safi emdlalweni wokugcina wesizini ka-2025/2026, kwiBotola Pro 1 League, namuhla ngo-7 ebusuku, ekuhambeni.
Kuvela ukuthi umqeqeshi weCasablanca, uNasreddine Nabi, owayeqeqesha iChiefs, akeneme neze ngesenzo sikaMzoughi.
UNabi uyena obize lo mqeqeshi ukuthi azosebenza naye kuleli qembu laseMorocco, ngemuva kokuba iChiefs ingayivuselelanga inkontileka yakhe.
UMzoughi ubengaconsi phansi kubalandeli baMakhosi, abakholwa ukuthi ulithanda ngenhliziyo yakhe yonke iqembu laseNaturena.
Ngaphansi kwalo mqeqeshi uBrandon Petersen uvuke waba unozinti oshaya into ecokeme ngesizini edlule.
UPetersen, ophinde abe ukaputeni weChiefs, uqokelwe umklomelo iBetway Premiership Goalkeeper of the Season njengoba kuzoba nemiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ngoJulayi 27.
Kulo mklomelo ubanga noSipho Chain, we-Orlando Pirates, noRicardo Goss, weSiwelele FC.
URonwen Williams, weMamelodi Sundowns, odle lo mklomelo ngesizini edlule, akabonwa kulokhu kulabo abangase bakhale bemuke nawo.

